MHLELI: Okushiwo yiqembu lezepolitiki i-EFF esidlangalaleni ngolwazi elithi linikwe ngamaphoyisa ngozungu lokusocongwa kukaNobhala Jikelele we-EFF, uMnuz Marshall Dlamini, okuthiwa belakhiwa ubuholi obuphezulu beqembu i-IFP, luzwakala njengechilo. Manini amaphoyisa entando yeningi esaphenduka ophakimpi abaqhatha abamaqembu epolitiki?
Noma ngabe akushoyo kuyiqiniso noma ngamawongowongo amanga, wona bekumele aphenye nzulu, hhayi ukuvubela inzondo phakathi kwala maqembu omabili. Thina asikalibali isikhathi esidlule kuso sodlame phakathi kwe-ANC ne-IFP.
Siyaxakeka ngamaphoyisa akule mihla ahlulwa ukwenza umsebenzi wawo okungukuphenya amacala maqede kuboshwe izigilamkhuba. Mangaki amacala okubulawa kwabepolitiki nabandakanya umphakathi jikelele, asehluleke ancama ukuwaxazulula?
Aseqale nini ukuba ngovovo-liyakhipha njengoba esecevuza izindaba? Kwenziwa yini la manga awo awaqondise ngesikhathi lapho la maqembu egqabula igoda ekubuseni ngokubambisana komasipala?
Phela kuyaziwa ukuthi abaphethe umthetho kubandakanya nabanye emaphoyiseni, bangene bagamanxa ekusebenzeleni iqembu elibusayo. Kwenzekeni kowabe ephethe ezobunhloli owagodla ubufakazi ngokwenzeka epulazini, iPhala Phala, wagcina ebhadlazela izwe lonke ngokuvulela umengameli wezwe icala, engasekho yena esikhundleni?
Mkhulu umonokalao owadaleka ekuqashweni kwabavikela umthetho okwenzeka emva kokuba sekuphethe thina bohlanga lomdabu. Lokhu okwenziwe ngamaphoyisa kunobuphukuphuku phakathi ngoba kumanje uma bekuvele kukhona ongezwani noDlamini (we-EFF) usengathola ithuba lokumenzakalisa ngoba phela uzobe esazi ukuthi kuzonukwa abe-IFP.
Kuyaxaka okwamaphoyisa akule mihla abukeka esengena ngomkhono nangesiphanga ezindabeni ezithinta ezepolitiki yobuqembu, ephenduka oxovizwe ngokudunga amaqembu ezombusazwe.
Mangaki amacala amaphoyisa aseshaye udaka kuwo angawokubulala agcine ebopha abantu okungesibo? Kwenzekani ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa? Ayathanda ukushaya udaka ekubopheni maqede agijimele kwezokusakaza.
Okuxakayo yindlela asesebenza ngayo, athanda kabi ukuba ngonontandakubukwa, asaphenduka le nyoni ebizwa ngepigogo. Okuxakayo ukuthi kwasawona uqobo angene ekwenzekeni amanye amacala ahlalise umphakathi manzonzwane.
Sipho Robert Mpungose
ESHOWE