MHLELI: Sengisola sengathi kunemfihlo esifihlelwe yona abaholi bethu ngokuthanda abokufika kunokuthanda abakuleli. Uyazi ngize ngayolunguza ukuthi uthini uMthethosisekela wezwe lethu kodwa engikutholile ukuthi kunesigaba abasilandelayo abokufika nabaholi bethu leso sigaba sivuna bona kanti sithi: "INingizimu Afrika ingeyabo bonke abahlala kuyo" .
Lokhu kusho ukuthi izwe kade balenza ukuba kube ikwampunzedlemini, kwamachangca imbala ngokoMthethosisekelo wezwe lethu. Uyabona lona owabhala uMthethosisekelo wayengacabangi nalona owawugunyaza angazi ukuthi wayecabangeni ngempela ngoba wayedayisa ngezwe lethu isidana.
Uyabona lokhu kubhala ngikubhaliswa ukubona abaholi abanjengoPopi Ramathuba onguNgqongqoshe wezeMpilo eLimpopo elahlwa yicala ngoba watshela iziguli zaseZimbabwe ukuthi umkhumiso wanele izintondolo. Lokhu ayekusho wayeqinisile ngoba imithi yokwelapha isiyashoda, ishodele ngisho abakuleli ngenxa yabokufika abagcwele ezibhedlela zakuleli. Uhulumeni wethu akakenzi okwanele ukusifikela emankentshaneni asezweni ngokungemthetho. Mhlawumbe kumele siyibhekisise eyokunganakwa uhulumeni wethu futhi kumele sijule uma ngabe sesivota ngo-2024 ngoba asithandwa nhlobo wuhulumeni wethu.
Khabzela KB Mzimela
EZWELIBOMVU