MHLELI: Kwelakho eliwela umfula ugcwele, ngithi ake ngilobe ngenhloso yokuphonsela izakhamuzi zezwe lethu inselelo ngenkululeko esinayo neyalwelwa yachelelwa ngegazi labansundu evikelwe nanguMthethosisekelo.
Ngifisa izinjulabuchopho zike zisibhekele ukuthi kula macala abekwa okaNxamalala (uMnuz Jacob Zuma) asedle inkece engakanani yesizwe isetshenziswa wuMbuso egameni lethu?
Ingabe sona isizwe sisafisa ukuthi kuqhubeke nale mbudane yamacala? Uma okaNxamala bekuthiwa utholakakala enecala noma amacala, sizozuzani thina njengezwe?
Owami umbono uthi, hleze kuyomele kwenziwe inhlolovo yokuthi sisekhona yini isidingo samacala abekwe kuZuma, ukuze kutholakale umbono weningi ngoba izwe libuswa ngokwentando yeningi.
Hleze iningi belingafuna achithwe wonke amacala akhokhelwa yithina zakhamuzi njengoba singabakhokhi bentela.
Mthunzi Blackjesus Dlamini
E-VERULAM