UTHEMBISA into yamehlo umlingisi osezakhele igama ngokubonakala emidlalweni ehlukene u-Abdul Khoza, olingisa indawo kaZembe emdlalweni iMy Brothers Keeper, kuMzansi Magic.
Lo mdlalo ukhonjiswa ngoMsombuluko kuya ngoLwesihlanu ngo-7.30 ebusuku.
U-Abdul uqala ukubonakala kule ndawo ngoLwesibili kuleli sonto lapho engena njengomuntu ongusomabhizinisi kodwa uzobajikela esiswini.
Ekhuluma ngale ndawo, u-Abdul uveze ukuthi izomveza njengomuntu onenhliziyo embi, nongenalo uzwela.
“UZembe usomabhizinisi ongenanhliziyo nosebenzisa ukuba nogazi kwakhe ukuze kwabanye abantu abukeke elungile kodwa uma uke wamgxoba unyawo sekonakele. Kukhona uhlangothi lwakhe olubi alufihlile naluveza kulabo abangahambisani nento ayifunayo. Ungumuntu oyingozi. Indawo lena engahlukile kakhulu kulaba bantu abakade besematheni kulezi zinsuku abaqoqa imali yokuvikela kosomabhizinisi.”
Uthe ukuba emkhakheni wamabhizinisi kukaZembe kungenxa yokuthi ungene ngobugebengu bokufuna imali ngodli kubantu.
"UZembe usemshikashikeni wokufuna ukuba namandla, yikhona akulambele kakhulu. Usekhohliwe ukuthi konke akwenzayo kungamfaka ejele. Ngakho indawo labantu abazoyibheka ngelinye iso kodwa futhi kukhona isifundo abazophuma naso kuwo. Ngijabule ukuthi ngibe yingxenye yalo mdlalo ngakho ababukeli bawo abalindele okukhulu.“
Akuyena u-Abdul kuphela umlingisi omusha ozoshukumisa izinto, abanye abasha kubalwa uMlungisi Ndebele, Aramis Ngwenya, Sello Ramalahloane, Unathi Platyi, Tumi Maretele no-Olwethu Leshabane.
Khonamanjalo uzoqala ukubonakala emdlalweni Isibongile and the Dlamini’s, kuMzansi Wethu (163) ngo-6.30 ntambama, uSenzo Radebe lapho ezobe elingisa indawo kaPhakamani.
UPhakamani uyindodana kamfowabo kaNjengaye (Siyabonga Shibe) nahluke kakhulu empilweni abakwaDlamini abadume ngayo yokuba phambili.
Kulo mdlalo kuvela ukuthi uzodalula izimfihlo zaKwaDlamini nokuzodala okukhulu ukungezwani phakathi kwakhe noKwenzo (Vuyo Biyela).