Umculi kamaskandi uBobo ‘Umfana Wepiki’ Mhlongo, usinde ngokulambisa edutshulwa ngabantu abangaziwa.
Lokhu kuhlasela kwenzeke ngesikhathi bezitika ngenyama endaweni ngoLwesibili emini endaweni yokungcebeleka eSoshanguve, eTshwane.
Ekhuluma esesibhedlela lapho elulamela khona uBobo uthe ubizwe ngumngani wakhe uMhlawuphethe Phungula waseMsinga, ukuba bayogubha usuku lwakhe lokuzalwa ngoLwesibili, eBirds, eTshwane.
UBobo ulandise kanje ngokuhlaselwa kwabo:“Cishe bekungabo-12 emini, bedlula bengithatha eKempton Park. Sihambe-ke size sifike ePitoli. Ubehamba nabafowabo abathathu, kunguye ka-4. Sithe nje sisosa inyama futhi seyiyela ekuvuthweni. Kuqhamuke imoto yohlobo lwePolo emhlophe engenasinqe. Uma iqhamuka lemoto, anginakile. Ngizitshela ukuthi abantu abeze kule ndawo. Kube sekwehla abesilisa abathathu, abafike bangabuza lutho bavele bavulela ngenhlamvu.”
Umaskanda uqhube wathi abahlaseli badubule maqede bashaya bachitha ngemoto. Uthe uyasola ukuthi abahlaseli bebezitshela ukuthi bavale ngehlahla kubo ngendlela abaqhulule ngayo imvula yezinhlamvu maqede waquleka. Uthe udubuleke ngaphansi kwesibele sangakwesokunxele nangezansi kwesisu.
Kayiphumelelanga imizamo yokuthola ukuphawula kwamaphoyisa aseGauteng, ngenxa yokuthi uBobo ubengakasibhali isitatimende. Akukhona okokuqala uBobo evelelwa yizigameko. Unyaka, nonyaka usevamise ukwehlela wumshophi.
Ngo-2022 wasinda kukubi engozini yemoto enyantisa igazi eyayimehlele eTembisa, Ekurhuleni. UBobo wathi wayebuya ukuyobeka uzakwabo u-Ayanda Ngobese, ngesikhathi evelelwa yile ngozi ngezithuba zabo-9 ebusuku.
Ngo-2023 kwacishe kwavalwa ngehlahla kubo eWhite City, eNquthu, ngesikhathi kuhlasela umphezulu.
UBobo wathi wafonelwa ngabasekhaya bemazisa ukuthi sekuhlasele izulu ngezithuba zabo-9 kuya ku10 ebusuku.
"Bathi kwavele kwaduma izulu maqede izindlu zashawa ngumphezulu zavutha. Yize umuzi ushile kodwa ngenhlanhla akufanga muntu.“
UBobo waqala ukuduma esagidela uMgqumeni ephethe ipiki. Usengomunye womaskanda abadume ngokukhiqiza amanoni ezingoma okubalwa ethi Ngamthola KuFacebook, Bewumazi Omunye Umuntu, Inxeba Lendoda Alihlekwa nelithi Phela Isikhothane.