UPHROJUSA womculo ngaphansi kwesitebele Inkabi Nation, ophinde acule, uthe okubalulekile kuyena wukugxila ekwenzeni izinto ezinganakekile emculweni, kunokujaha ukukhipha umculo kuphela.
UXowla waseMnambithi, ubexoxa neSolezwe ngengoma yakhe ethi Buyisa ephume izolo, uveze ukuthi nakuba izingoma aseziqophile zinganela ama-albhamu amathathu kodwa akakazukuyikhipha i-albhamu manjenje ngoba abantu beyilindele ngabomvu.
“Angikakucabangi ukukhipha i-albhamu, ngoba ngazitshela ukuthi mhla ngiyikhipha - ngiyokhipha eyodwa qhwaba, bese ngishiya phansi emculweni. Ngakho angizukukujaha ukufuhlela abantu ngomculo ngoba angifuni ukukhipha umculo omningi ngigcine sengibhora kubalandeli bomculo.
“Kunalokho, ngizoqhubeka nokuzenzela igama ngokuphrojusa izingoma ezishisa izikhotha, ngisize nangokubabhalela umculo abaculi abehlukene - okuyizona zinto ezingisebenzela kakhulu selokhu ngifiikile kule ndima,” kuchaza uXowla.
Lo phrojusa ogama lakhe lokuzalwa wuXolani Shabalala, usephrojuse inqwaba yezingoma ezithandwayo kubalwa ethi Alusafani yeQwabe Twins, Ikhwela kaZandie Khumalo, Ivolovolo kaBig Zulu, Ithuba neNgiyeza zikaLwah Ndlunkulu.
Echaza ngeBuyisa eshaya ngesigqi se-Afro Pop asebenze kuyo noZyamqhuksa noSiya Ntuli abamlekelela ngokucula ngemuva, uthe ingensizwa ecela uthando entombini esihlukene nayo ngoba izwa ingasakwazi ukuphila ngaphandle kwayo.
“Ngaphandle kweBuyisa, ngizophinde ngikhiphe enyeingoma ngasekupheleni konyaka - bese ngilandelisa nge-EP ezobe yendlalela i-albhamu yami.
“Kungekudala kuzophumai-albhamu yamaciko amabiliaziwayo kuleli, edidiyelwe yimina yonke nengijabule kakhulu ngayo ngoba amagalelo alawo maciko makhulu kakhulukule ndima,” kuphetha uXowla.