UKUPHUMA komlingisi obeyintandokazi kwiGomora, kudalwe wushintsho lwendikimba yomdlalo. Kuphelile ngoMazet, obelingiswa nguSiphesihle Ndaba (25), emdlalweni wethelevishini iGomora.
USiphesihle ube yingxenye yomdlalo, okhonjiswa ngo-7.30 ebusuku phakathi nesonto kuMzansi Magic, kusuka uqala ngo-2020.
Ngonyaka odlule kuke kwasabalala amahlebezi yokuthi iyaqedwa indawo ayilingisayo ngoba ababhali bengasazi bazobhala ini. Abanye badalula ukuthi kwaba khona ukungaboni ngaso linye nabadidiyeli futhi kwakumele ahambe noZolisa Xaluva owayelingisa indawo kaMelusi.
AbeMzansi Magic bagcina beyichithile imibiko njengoba esakhona namanje.
UShirley Adonisi wakwaM-Net uthe njengoba imidlalo engamatelenovela namadrama ishintsha into okhulunywa, ngayo bahlale bezama ukulethela ababukeli izindaba ezihehayo.
“Kule mizamo kuba noshintsho kubalingisi futhi yingakho behamba beyobheka amanye amathuba embonini. IMzansi Magic ifisela uSiphesihle Ndaba, okuhle futhi indawo ayilingisayo kaMazet izokhunjulwa kakhulu ngababukeli bethu. Kube mnandi ukusebenza naye kule minyaka ayichithe kwiGomora,” kubeka u-Adonisi.
Kulindeleke ukuthi agcine ukubonakala ngenyanga ezayo.
Ngokodaba olushicilelwe yiZiMoja, ebhala ngezindaba zosaziwayo, abaphathi beGomora bamdedele ngoba kukhona okushodayo ngendawo ayilingisayo.
“Ngesikhathi efika wayethandwa ngababukeli ngendlela ayedlala ngayo uMazet kodwa konke lokho akusekho. Ekuqaleni bathi ukushintsha indlela agqoka ngayo ukuze kube nomehluko kodwa akwenzekanga. Bamfaka ebudlelwaneni nakhona kwanhlanga zimuka nomoya,” kusho umthombo weZiMoja.