UMLINGISI weThe River, uVuyo “Voodur” Biyela, uthe uswele amaphiko okundiza ukukhombisa ukuthi ujabule kanganani ngokuqokwa kwakhe emncintiswaneni wezindondo zabalingisi, amaRoyalty Soapie Awards.
UVuyo (27) waseMlaza, eThekwini, uhambela phezulu kulezi zinsuku kulandela ukuqokwa kwakhe emunxeni womlingisi ofikayo kule ndima ovelele, i-Outstanding Newcomer, ngendawo kaMlilo Hlophe emdlalweni iThe River okhonjiswa kwi-1Magic nakwiShowmax.
Exoxa neSolezwe ngokuqokwa kwakhe kulo munxa ovotelwa ngabalandeli, uthe uthuke woma ezwa izindaba zokuqokwa kwakhe, wathi ubengakulindele kodwa ziyamjabulisa lezi zindaba kakhulu ngoba kukhombisa ukuthi umsebenzi wakhe uyabonakala.
“Bengingakulindele nhlobo ukuqokwa kodwa kungijabulise kakhulu kangangokuthi ngize ngashayela abasekhaya ngibazisa lezi zindaba ezinhle kangaka.
“Ukuqokwa kukodwa kusho lukhulu kimi futhi kuwubufakazi bokuthi ngiza kahle endimeni, ngakho manje ngibheke ukuthi ngikhale ngemuke nendondo ukuze ngikhuthaze abeza ngemva kwami,” kuchaza uVuyo.
Lo mlingisi onqobe indondo yomunxa ofanayo kumaSimon Mabhunu Sabela Film and Television Awards nyakenye, unxuse abantu ukuthi bamvotele ukuze anqobe indondo, athi kuzomkhuthaza ukuqhubeka nokuzikhandla ngomsebenzi wakhe.
Imininingwane yokumvotela itholakala emakhasini akhe ezinkundla zokuxhumana, kanti ukuvota kuzovalwa ngoMashi 8.
Eminye iminxa evotelwayo kulo mncintiswano osubuya ihlandla lesithupha nonyaka; ngowe-Outstanding Daily TV Drama, Outstanding Male neFemale Villain noweMost Popular TV Show.