UMCULI we-Afro soul, uNomfundo "Moh" Ngcobo usengene emkhakheni wamabhizinisi ngoba esabela ikhwela elihlale lishaywa wuhulumeni.
UNomfundo Moh (24) waseNdwedwe uthe uzovula indawo yokudlela yokuqala maduze ngenhloso yokusungula amathuba emisebenzi. Uthe iLa Mar Restaurant izokuba seSpruitview, eKurhuleni.
Kwenzeka lokhu nje uNomfundo usanda kukhipha umucu awenze ngokuhlanganyela nozakwabo uMsaki nomrepha, uCassper Nyovest.
Lo mculi ungene emculweni esineminyaka ewu-16 ngo-2016 kodwa ikhono lakhe lize laqashelwa emuva kokukhipha umucu osihloko sithi Lilizela ngo-2021, nowahlabana ngePlatinum.
Ukhule ebukela kubaculi bakuleli abanjengoBrenda Fassie, Amanda Black, Ami Faku noSimmy.
Ngo-2022 ukhiphe i-albhamu yokuqala esihloko sithi Amagama nebigabe ngemicu eshise izikhotha, okubalwa kuyo othi: Phakade Lami, Lilizela nothi Umthwalo.
Iphakade Lami ligile izimanga njengoba laqengqeleza phambili kwiTop 40 yeMetro FM futhi laba wunombolo 4 ezingomeni eziyimicu enedumela emisakazweni.
Le ngoma ibuye yahlabana ngamaPlatinum ayisithupha eNingizimu Afrika. NgoMashi 2022, uNomfundo ubandakanywe ohlelweni lwe-Apple Music olubizwa nge-Africa Rising kwathi ngo-Ephreli, waqokwa njengenxusa lophiko lwakaSpotify olubizwa nge-Equal Africa.
Akugcinanga lapho ubuye waba yingxenye yomkhankaso iShay'na ngeWhite Star, okwenza wanandisa eGoli ngoMeyi 12 naseThekwini ngoMeyi 27.
Nyakenye uNomfundo ukhiphe i-albhamu esihloko sithi: Ugcobo, nebigabe ngenoni elithi: Amalobolo.
Yize esephumelele enjalo kodwa lomculi akakhohlwanga yimfundo njengoba eneziqu zokuba ngusonhlalakahle azithole e-University of KwaZulu-Natal.