UMA kungabalwa intsha eyenza kahle futhi nesizakhele igama enkundleni uTik Tok ngama-video amahlaya, ngeke aze asale ngaphandle uThandile “Ndile” Ntombela, ongowokuzalwa eGermiston, eGauteng
UNdile uthi ekukhuleni kwakhe wayefuna ukuba ummeli kodwa futhi uma ebuka abantu kwithelevishini wayefuna ukuba umuntu odumile yize engazi ukuthi yini ezomenza aziwe.
Kodwa amahlaya uthi iwona amenze wafezekisa iphupho lakhe njengoba aqala ukuwaqopha ngesikhathi somvalelandlini, elingisa usomahlaya uSkhumba Hlophe.
Uthi ingcindezi eyayiza nobhubhane lweCovid-19, yamenza wafuna into azoba matasa ngayo. Kwakungekho ayekwenza njengoba ayengumsebenzi wasesitolo sakwaShoprite.
Ekhuluma neSolezwe, uNdile uthe akazisoli ngokusukuma enze amahlaya ezinkundleni zokuxhumana njengoba enza imali ngawo.
“Ukuqala kwami ngangenza ama-video ngilisa uSkhumba, kodwa kuthe ngo-2022, ngayeka ngakhetha ukuthi ngiziqophe mina ngisho amahlaya ami. Uma uwabuka ama-video ami ngihlale ngigqoke amaphinifa noma ngiwubaba womuzi. Le nto engiyenzayo ingoba ngikhule ngiyibuka elokishini ebengihlala kulo nomama, ngibuka omakhelwane nasendlini yize ngikhule ubaba engekho eduzane kwami. Nasemakhaya eMtshezi uma sinogogo naye bengibheka izinto azenzayo, indlela akhuluma ngayo nesengiyisebenzisa manje emahlayeni ami,” kusho uNdile.
Uthe ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana kuye kumsebenzele yize kubuye kube khona abantu abangenazwela abakhuluma kabi.
“Mina ngikhuluma nawe nje izinkundla zokuxhumana zingiphilisile. Kodwa engikwaziyo ukuthi bakhona abantu abangazile ngokuhle kuzo. Ngakho kuya ngawe ukuthi uzisebenzisa kanjani. Mina ngibone ithuba lokwenza imali ngempela kwenzeka kanjalo. Manje isifiso sami esikhulu ukuthi ngithole ithuba emkhakheni wokulingisa. Sengikulungele ukungena kulo mkhakha njengoba ngiwuthanda nawo. Uma ithuba liqhamuka ngingalithatha ngezandla zombili,” kuchaza yena.
Elinye iphupho lakhe elikhulu ukuthi ufuna ukuba ngomunye wosomahlaya abakhulu kuleli.
Uthe okunye ake akucabanga ukuba umbhali wamahlaya nayo imidlalo ekhonjiswa kwithelevishini.