UMQONDISI weziqephu zomdlalo osuzoba wuchungechunge uMkhokha, uthi ukuzinikela kwabalingisi emsebenzini nokwenza okungaphezu kokulindelekile, yikho okwenze bahlanganisa into eseqophelweni eliphezulu.
ULuthando Mngomezulu oqondise iziqephu eziwu-8 zokuqala zalo mdlalo okhiqizwa yiRhythm World kaMandla KaNozulu.
ULuthando (30) waseMlaza, eThekwini, ubekhuluma neSolezwe njengoba sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuqala kwesizini yesibili yoMkhokha, ozokhonjiswa kuMzansi Magic, ngo-8 ebusuku kusuka ngoMashi 6.
“Kube wumuzwa nesikhathi esimnandi kakhulu ukusebenza nabalingisi abanekhono elimangalisayo; kwabasafika nabanamava kule ndima, kusuka siqale ukuqophalomdlalo ngoNovemba,nyakenye,” kuchaza uLuthando.
Eqhuba, uthe okunye okwenze umsebenzi wenzeke ngendlela efanele, wukuthi uthole ithuba lokubuka iziqephu eziwu-13 zesizini yokuqala, okusize ukudweba isithombe ngokumele agxile kukho esezoqala kwisizini yesibili.
“Ngisizwe nawukuthi ngaphambi kokujoyina ithimba eliqopha Umkhokha, ngibe wumqondisi weDurban Gen, The Wife noZalo okuyikhona elenze umsebenzi wami waba sebalazweni.
“Ngijabule kakhulu ngokuba yingxenye yomlando wokuxoxa izindaba ezithinta abantu bakithi abamnyama, futhi ngiyaziqhenya kakhulu ngengikwenzile nengisazokwenza kubhekwe phambili,” kuphetha uLuthando.
Isolezwe lithole ukuthi phakathi kwabalingisi abazobonakala kukhona noKini Shandu owayengumsakazi weGagasi FM.