U-DJ Sbu ubhoboke sakubalisa okokuqala ezindabeni zeNewzroom Afrika ngokuhlaselwa ngabantu njengoba esolwa ngokuba yimbangela yokushona kukaZahara.
U-DJ Sbu ongumnikazi wenkampani eyavumbulula ikhono likaZahara nge-albhamu ethi Loliwe, iTS Records, uyakuqonda ukuthi kungani abantu besola yena ngokushona kukaZahara futhi akabasoli, ukuthi baphatheke kabi.
“Sibe nesikhathi esimnandi naye. Bengifana nobhuti wakhe omdala, naye efana nodadewethu omncane.”
Uthe ubazi ukuthi abantu indlela abaphatheke ngayo bazodinwa futhi bamthole umuntu abazomsola.
“Iningi labantu lisola mina, yize ngingengenzanga lutho. Njengomuntu osebenze nabantu isikhathi eside, ngiyaqokuqonda ukuthi sinjani njengabantu futhi abangama-Afrika, ikakhulukazi uma simthanda umuntu wethu. Kulungile. Asidinwe, siphatheke kabi. Sikhale. Nami ngiyakhala.”
Okwenza abantu bagxeke uDJ Sbu ukuthi uZahara ukhale kakhulu ngokudliwa kwamandla akhe yizikhulu zeTS Records kodwa uSbu wathi uZahara usenga ezimithiyo ngoba yena ubewa evuka naye kwaze kwaba uhlaselwa wukugula.
U-DJ Sbu uthe uyakwamukela ukugxekwa nokuthethiswa kodwa kufanele bazi abantu ukuthi uZahara ubenomndeni nawo olahlekelwe kakhulu, wathi impilo kaZahara isheshe yaphela esemncane kakhulu. Uthe useyile ukuyovela emndenini kaZahara futhi unina umtshele ukuthi uZahara uzofihlwa emathuneni asekhaya ePhumlani, e-Eastern Cape, ngoMgqibelo ozayo, emuva kwenkonzo ezokuba ngo-10 ekuseni.
USomizi Mhlongo uthe umculi we-Afro soul ongasekho, uBulekwa “Zahara” Mkutukana, uthandwe engasekho. Uthe uZahara kuhlekiswe ngaye kakhulu futhi abantu begiya beqephuza ngosizi abebhekene nalo.
“Kufanele ufe ukuze ubungazwe. Kufanele ufe ukuze uhlonishwe kakhulu. Kufanele ufe ukuze unikezwe izimbali.”
Uthe abantu bancamela ukukunikeza izimbali ngoba sewungasekho emhlabeni. “Uma kukanjalo, mina ngiyazibonga. Zigcineni. Ngiyozithengela ezami.”
Uthe abantu abakhalayo manje ngokushona kukaZahara ngabaphatheke kabi ngempela noma ngabangasazi ukuthi bazohlekisa ngobani. Uthe uZahara esaphila ulucelile usizo kodwa akekho noyedwa omsizile.
“Uzobona emngcwabeni wakhe. Hhooo emngcwabeni, sizondiza siye e-Eastern Cape uma engcwatshwa lapho, ekubeni singakaze saya ukuyombheka ukuthi uphila kanjani.”
USomizi usho kanje ngoba ungomunye wabantu abahlekisa ngokudakwa kwakhe ngesikhathi ephethe uhlelo kumaSama Awards eSun City Superbowl, eNorth West, ngo-2017.
UZahara (36) udlule emhlabeni esibhedlela esizimele eGoli, ngoMsombuluko. Ubengeniswe esibhedlela phakathi nenyanga eyedlule. Izindaba zokugula kwakhe, eguliswa yisibindi, ziqinisekiswe wumndeni. Ngesonto eledlule, isimo sibe sibi kakhulu egunjini labagula kakhulu futhi engasakwazi ukukhuluma. Inkonzo yesikhumbuzo sikaZahara izobanjelwa eRhema Bible Church, eRandburg, ngoLwesine, phakathi kuka-11 no-2 ntambama.