"NGIKHATHELE...mngani, ngikhathele. USenzo (Meyiwa) kwakumele angishiye phansi (noma) angale kodwa waqoma ukufa, angishiye nala masi#@* esengiphila nawo mihla namalanga. Ngisolwa yiwo wonke umuntu..."
Bekusho umculi we-Afro pop, uKelly Khumalo, ekhihla isililo ngesikhathi ekhuluma nomngani wakhe, uWanda Baloyi, esiqeshini sokugcina seLife with Kelly Khumalo kuShowmax.
UKelly wodumo lwengoma ethi Empini, uhlengezele izinyembezi, wakhala ezimathonsi ebalisa ngobuhlungu ahlale ebuzwa mihla namalanga selokhu kwabulawa uSenzo. Bekungokokuqala uKelly ebhoboka ngobuhlungu abuzwayo ngezinhlamba achashwa ngazo. Ubehlale ethi akudikizi ngisho inqulu ngokushiwo ngabantu ngaye ngoba uyalazi iqiniso futhi usejahe ukuzikhulumela enkantolo.
Eqhubeka nokubalisa, uKelly uthe kuyamkhathaza ukungalazi ithuna likaSenzo.
"Angazi nokuthi ungcwatshwephi? Angazi nokuthi ukuphi? Yebo, ngiyabuzwa ubukhona bakhe mihla namalanga kodwa angazi lapho elele khona," eqhubeka nokukhala emahlombe kaWanda.
UKelly uthe uze waphoqeleka ukuba ayoshaywa wumoya nomndeni nomngani wakhe eVaal, ngoba efuna ukukhohlwa yizinsizi.
Kwenzeka lokhu nje icala lokubulawa kukaSenzo liyaqulwa eNkantolo eNkulu esePitoli kusukela ngoNovemba 14 kuze kulamule uDisemba 2. Liguqe kule nyanga kusafakaza owayengumngani kaSenzo omkhulu, uTumelo Madlala.
USenzo wadutshulwa wabulawa ngesikhathi evakashele uKelly kubo eVosloorus ngo-Okthoba 26, 2014. Ngaleso sikhathi uKelly noSenzo babeyizithandani futhi bebusiswe ngomntwana oyedwa. Nakuba igama likaKelly nelikaLongwe Twala, ake abalwa nabasolwa ngokubulawa kukaSenzo kodwa okwamanje bayisihlanu abasamangalelwe ngecala. Nabo bathi babhecwa ngobende inyama bengayithanga mbibi.