UMCULI wodumo lwengoma ethi Imali Eningi, obaziwa ngeleNtaba YaseDubai, uthi usenqume ukuqala kabusha emculweni ukuze akhohlwe wubunzima adlule kubo.
Lo mculi, ogama lakhe lokuzalwa liwuLindokuhle Msomi, ubekhuluma neSolezwe ngengoma yakhe entsha ephume ngoMgqibelo ethi Umswayipheni, athi uyikhiphe ngaphansi kwegama elisha kwezomculo njengoba esezibiza ngoLindokuhle NM.
ULindokuhle NM (28) waseMthandeni, KwaMaphumulo, uthe unxusa abantu ukuthi bakhohlwe yikhasi lezinto ezenzeke kuye emculweni esengaphansi kwenkampani, i-Ambitiouz Entertainment kodwa bazinike ithuba lokubheka okusha ezanakho manje.
Lo mculi uke waba sematheni kulandela ukuveza kwakhe izindaba zokuthi akaze athole nesenti ngengoma yodumo ethi, Imali Eningi apikwe kuyo wuBig Zulu.
Iningi laphinde lazwelana naye lapho esedalula ukuthi nakuba ebethandwa kangaka ngabantu, ngenxa yomculo omnandi awenzayo futhi eshaya into ecokome emicimbini asuke emenywe kuyona kodwa ubehola uR3 700 kuphela e-Ambitiouz Entertaiment ayeqopha ngaphansi kwayo.
“Ngiyazi ukuthi akuzukuba lula kodwa ngizimisele ukusebenzisa amaphutha engiwenzile emculweni nolwazi engiluqoqe ngisese-Ambitiouz ukukhulisa igama lami elisha ngiphinde ngenze abantu bangithande njengasekuqaleni.
“Yingakho ngikhiphe le ngoma ethi Umswayipheni, okuyiyona engiveza ngayo engiza nakho kwezomculo, futhi ngendlalela ngayo umculo omningi engizowukhipha ngokuzimela ngaphansi kwenkampani yami, i-3 Point 7 Entertainment.”
Ube esenxusa abathandi bomculo ukuthi bamubekezelele futhi bazinike isikhathi sokulandela okusha eza nakho kusuka manje, wase ethembisa ukuthi uzoqhubeka nokuqopha umculo omnandi nojabulisa abantu.
“Kumanje ngipheka i-EP engizoyikhipha uma sengiqede i-video yengoma ethi Umswayipheni, engihlela ukwenza imijikelezo yayo,” kusho uLindokuhle NM.
Uphinde waxwayisa amacikoasafufusa ukuthi aqaphele angangeni ogibeni angena kulo kwezomculo, ngokuthi azinikele ebucikweni bawo bese eqaphela ukungasebenzisani nanoma wubani ngoba akusiwo wonke umuntu onezinhloso ezinhle kule ndima.