UMREPHA wodumo lwengoma esihloko sithi Ntofontofo nethi Neva Let You Go, uThulani "Pitch Black Afro" Ngcobo, uvalelise engodusweni agwetshelwa ukuyibulala emuva kokugejana ngenkulumo, ngoDisemba 31, 2018, uCatherine Modisane, esihloko sithi Closer Of The Chapter.
Eculweni elidabukisayo kuhlanganiswe isigqi se-hip hop nekhorasi yengoma kaBill Withers ethi Ain't No Sunshine.
Ekhuluma ezindabeni zesiSwati kwiSABC, uPitch Black Afro, uthe ubhale leli culo ngenhloso yokuvalelisa kumkakhe ngoba akalitholanga ithuba lokuyingcwaba.
Uthe wayibhala ingoma ekhala ngoba bekumnyama empilweni yakhe.
"Angikakholwa namanje ukuthi yimi lo osekukhanyeni. Incwadi nje engiyibhekise kuye, ngimazisa ukuthi kwenzekani empilweni yami ngoba angikwazanga ukumngcwaba."
Ebuzwa ukuthi yini ayifunda ngesigameko, uPitch Black Afro, uthe yilapho athola khona ukuthi akanabangani.
"Noma singahamba kangakanani nabantu, siphile. Phela enkantolo bekufakaza abantu ababehlala kwami iminyaka ngeminyaka. Bonke babekhuluma amanga.
Engikufundile wukuthi sonke emhlabeni asinabangani. Yiba nguwe, uzenzele wena." Uthe okusemqoka akufundile wukuthola uNkulunkulu nokuhlakanipha okusheshayo.
"UNkulunkulu unginikeze ukuthula, ukuthi ngikwazi ukuxazulula izinto ngoba bengikwenye indawo emnyama kakhulu. Ngingaboni lutho. Kube yisifundo sokukwazi ukuhlakanipha."
Uthe uyambonga uNkulunkulu ngesivivinyo amuphe sona abengasilindelanga nangendlela azive ngayo kuye. "Nokuthi abantu bangijikele ngakhona. Ngiyabonga."
Eqhubeka uthe kunenye ingoma ayibhalile ngokugilwa ngabantu.
Yize uPitch Black Afro ayegwetshwe iminyaka elishumi ngoJuni 2020 kodwa udedelwe ngoshwele ngomhla ka-18 Agasti nyakenye.