UMCULI ongumlingisi, uMoneoa Moshesh-Sowazi, usobishini ngenxa yombango wengoma eshisa izikhotha kulezi zinsuku ethi Ngowami Lo.
Inkakha yomculo we-Afro pop, uNozipho "Zee Fola" Nguse waseMgungundlovu, ithukuthele iyaveva emuva kokuzwa emisakazweni nokubona kwithelevishini, uMoneoa ehlabelela ingoma efana nse neyakhe.
UZee Fola, obuye abe ngumengameli weSistahood, uthe uqale wezwa ngabantu bethi bezwe ingoma yakhe kwiJozi FM, Metro FM nakwiKaya FM.
Uthe uzame ngayo yonke indlela ukuxhumana noMoneoa kodwa kwanhlanga zimuka nomoya. Echaza uZee Fola uthe wayeqeda ukunandisa eNick's eGoli ngesikhathi uMoneoa nobeyisoka lakhe, uPhiwe Maphanga, beza kuye, bezomncoma.
"Bathi bayafuna ukusebenzisana nami ngoba bawuthandile umculo wami. Ngajabula nami ngoba kwakuzophusheka ingoma yami ethi Ungowami Lo/Ngowami. Ngabe sengithatha izinamba zikaPhiwe."
Uthe washaqeka esetshelwa ngabantu ukuthi ingoma yakhe seyiculwa nguMoneoa emisakazweni nasezinkundleni zokuxhumana. UZee Fola uthe ucishe waphahlaza ithelevishini yakhe ngesikhathi embona bukhoma uMoneoa ecula ingoma yakhe.
"Kusukela ngo-2019 bengithungathana noMoneoa ngoba ngifuna ukwazi ukuthi wayintshontshelani ingoma yami. Ngesikhathi kuvalwe izwe mina bengilamba kodwa yena edla kahle ngenxa yengoma yami.
“Sengibuya konandisa eGhana ngenxa yale ngoma. Emisakazweni kudlalwa eyakhe hhayi eyami. Ngifuna nje angikhokhele yonke imali aseyenze ngale ngoma emisakazweni nasezinkundleni zokuxhumana," kubhoka ngolaka uZee Fola.
Eziphendulela uMonoea uphikile ukuthi nguye owantshontsha ingoma kaZee Fola.
"Benginaye izolo (esho ngoLwesithathu). Siyixazulile le nkinga. Ayikho ingoma entshontshiwe." UMoneoa, wodumo lwengoma ethi Isibhanxa nethi More Than You futhi obelingisa kwiThe Road, uthe yena noZee Fola badlalwa nguPhiwe weDynasty Records.
"Wangitshela ukuthi ingoma uyithenge kuNozi. Akumina oweba ingoma," kusho uMoneoa, enxusa ukuba kuxhunyanwe noPhiwe.
UPhiwe uvele waphika wama ngentaba ukuthi uhlangene nalolu daba lwale ngoma, unxuse Isolezwe NgoMgqibelo ukuba lithinte uMoneoa ngoba nguye ongumculi wayo.
“Mina angiculi kodwa ngiwusomabhizinisi kuphela,” kuphetha uPhiwe.
Leli phephandaba lizizwele izinkulumo phakathi kukaMoneoa, uPhiwe noZee Fola.
Kuyinkombankombane phakathi kukaPhiwe noMoneoa. Sekungumlando ukuthi uPhiwe noMoneoa abakhulumisani emuva kokuba uMoneoa ahlambuluka emithonjeni yabezindaba ngokuthi uPhiwe wayemhlukumeza futhi wamqola isamba esinguR500 000.
Njengamanje uPhiwe ukhonjwa kwezinye zezikhulu ze-ANC eGauteng.