EMUVA cishe kweminyaka emihlanu agcina ukukhipha i-albhamu ethi Monarch, uLady Zamar ukhiphe icwecwe elisha elisihloko sithi Rainbow.
Le-albhamu beyibhekwe ngamehlo abomvu kule ntokazi eke yaba nempilo ewugingqingongqo emuva kokungahoshelani nobeyisoka layo uSjava, okube wuchungechunge olwagcina selumakhele isigcwagcwa emabhinceni.
Ngaphandle kwalokho, ubuye waba nenkinga yezwi, okwaphoqeleka ukuba ayohlinzwa umphimbo.
Ebuzwa ukuthi kunjani ukuba wuLady Zamar kulezi zinsuku, uphendule ngokuthi kunenselelo enkulu futhi akukholeki.
"Kudingeka ngihlale ngizikhumbuza ukuthi yimpilo yami yangempela, ngakho kufanele ngiyiphile. Kunzima ngempela." Uthe okumenze wabuyela emculweni yingoba yiwona msebenzi anawo.
Nakuba izimo ake wabhekana nazo zinzima, njengokuhlala echashwa ngenhlamba ngabantu abazwelana noSjava kodwa uthe kuningi akubongayo okwenzeke empilweni yakhe.
Uthe izingoma eziboshelwe kwi-albhamu uqale ukuzibhala ngo-2020.
"Kwakuyisikhathi seCovid. Ngangisanda kukhipha i-albhamu ethi Monarch futhi yenza kahle kakhulu. Ngabe sengihlala phansi, ngacabanga kahle. Ngangifuna ukwazi ukuthi ngifuna ukuzwakala kanjani.
Ngangifuna ukuziguqula. Ngakolunye uhlangothi, ngizame ukubhekana nezinxushunxushu ezinkundleni zokuxhumana. Bekudingeka ukuba ngizalwe kabusha."
Uthe kwadingeka aziqeqeshe iphimbo ngaleso sikhathi, ukuze athole ubuthaka nobuqatha balo.
"Ngo-2021 sabe sesenza yonke i-albhamu kodwa yangaba yilokho ebesikufuna. Ngakho kwaphoqeleka ukuba siqale phansi wonke umsebenzi. Sasebenza.
Sasebenza sizama yonke into kodwa kungaphumeleli, kwaze kwathi ekugcineni senza ingoma esayibiza ngeCastles. Yiyona ebe yinsika nomgogodla wale-albhamu ngoba sazi ngayo ukuthi sibhekephi."
Uthe kusukela lapho bese besebenze ngokuzikhandla isonto nesonto.
Uthe ukwenza lo msebenzi bekufana nokuzihlambulula kusukela emzimbeni nakubantu azwana nabo. "Njengomculi ongumbhali wengoma, uqamba ingoma ngokuthi wena uzizwa kanjani.
Uma indawo okuyo nabantu onabo bekucika, nawe uzokhipha lowo mculo okhombisa ukucikeka. Ngakho kwamele ngiqale ngokusefa yonke into.
Ngaqinisekisa ukuthi kunomdlandla owanele engizowufaka kwengifuna ukukusho kwiRainbow. Uthe ngale albhamu uzivuselela kabusha futhi ubuyisa konke okwamlahlekela eminyakeni lapho abebhekene khona nezinkinga.
Ezingomeni athe zizokhumbuza abalandeli bakhe uLady Zamar abese belahlekele, uthe ngethi Sweet Fire neParty In Heaven.