UQOPHE umlando umrepha wakuleli uThe Big Hash, emuva kokumenyezelwa njengomunye wabaculi ababoshelwe ohlwini lwezingoma ezizosetshenziswa emdlalweni iFIFA23.
Umrepha udabuka ePitoli, igama lakhe langempela nguTshegetso Kungwane (22), ubalwe ngengoma ayiqopha ngo-2019, ayepikwe kuyona nguJames BKS, ongumculi waseFrance.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe umrepha uthe, ubengazitsheli ukuthi ingoma izomvulela iminyango emikhulu kangaka, ikakhulu ngoba besesiside isikhathi ayiqopha.
“UJames ukhethe ukuyikhipha kulo nyaka njengoba isikhethwa ukuthi ibe yingxenye yamaculo azozwakala kwiFIFA23. Ngijabule ngendlela eyisimanga ngoba nami ngikhule ngiyidlala futhi kungenze ngabona ukuthi kuningi engisangakwenza ngethalente lami emculweni,” kusho umrepha.
Uthe kuyiqiniso ngempela ukuthi amaphupho ayafezeka ngoba konke okwenzeka manje bekuyiphupho kuyena.
Udalule ukuthi ngesikhathi ebikela unina, akamshayanga ndiva ngoba akazi ngemidlalo yamavidiyo.
“Uqale ukunakisisa ngesikhathi abakwa-Electronic Arts (EA) sebememezela ukuthi kunomculi waseNingizimu Afrika, okunguyena yedwa osohlwini lwabaculi abakwiFIFA23. Uze wahlengezela izinyembezi ebona ukuthi ziyamjabulisa izindaba kwazise ukuthi ubengayizwisisi kahle indaba yami yokugxila emculweni,” kusho umrepha.
UThe Bigh Hash, uthe yize ejabulile futhi eziqhenya ngalokhu kodwa ngeke akuvumele ukuthi kumngene ekhanda bese ekhohlwa yizinhlelo zekusasa.
Udalule nokuthi thi kule nyanga ukhipha i-albhamu yokuqala, iBetter Late Than Never, ayipheke nabaculi abahlukene bakuleli nabasemazweni angaphandle.
Lo mrepha useke wezwakala ezingomeni zabaculo abanjoRiky Rick ongasekho no-A-Reece.