UMCULI kamaskandi oneminyaka eyisishiyagalolunye, uZimbili "Intombi Yentandane" Chemane, uzoshiyelana inkundla nabaculi abadumile kwiKusasa Lesizwe Youth Day Celebration eMalukazi Drive (Ezipokini), eThekwini, ngoLwesihlanu kusukela ngo-9 ekuseni.
Lo mculi, owenza uGrade 3 eKingsburgh Primary, uzobe esina ededelana noBahubhe, Ithwasa Lekhansela, AmaYellowbone, Vukani Nzama, Nqobile Mbandlwa, Lagxabha, Imbongolo, Magibelimbebhedla, Umlazi New Sound, Balungile Kanjemboqo, Sizanothando, Izinhlandlokazi, Ama-Email, Cheese Wabantwana, Alonde nabanye abaningi kanti uhlelo luzobe luphethwe wuMC Scutha noMC Ntshebe.
Umphathi nonguyise weNtombi Yentandane, uThulani "Intandane" Chemane, uthe akasabi mculi ngengane yakhe
"Isifiso sami manje ukuba Intombi Yentandane inikezwe ithuba kwiMpucuzeko Maskandi Festival ukuze ikhombise izihlwele ukuthi seyivuthwe ngempela emculweni. Ngikhuluma nje isanda kukhipha i-albhamu yesibili ethi Amafa. Nayo iyavutha bhe," kusho uNtandane.
Intombi Yentandane, ehamba ezinyathelweni zabaculi abaqale ukuduma bebancane njengoMichael Jackson, Msawawa, Mzambiya, Ricardo nabanye, ikhiphe ngo-2021 i-albhamu yohlobo lwe-EP esihloko sithi Ngiyabonga Baba nethi Amafa ngo-2022.
Umgqugquzeli walo mcimbi, uSizwe Mkhize, uthe umphakathi wakule ndawo awuzogcina ngokuzitika ngomculo mahhala kodwa uzobuyela emakhaya uqiqinge izimpahla. "Laba baculi bazohambela eMalukazi Ezipokini ngenhloso yokukhuthaza umphakathi ukuba unakekele abantu asebebadala nezingane. Umphakathi uzobuye uhlomule ngezipho ezinhlobonhlobo."
Eqhuba, uSizwe uthe ezinye izicukuthwane ezilindelekile yiMeya yaseThekwini, uMnuz Mxolisi Kaunda, ikhansela laku-ward 86, uMnuz Sizwe Mthethwa, inyanga yodumo, uDkt Andile "Mzimbukhalimali" Dlamini nomsunguli weBrush Mncadi Foundation.
Esephetha uthe umcimbi uzoze uphothulwe sekushaye ihora lesithupha. #isolezwengempelasonto