UMCULI oke wahlatshwa wukugula, uL’vovo Derrango ubonga amandla ezinkundla zokuxhumana ngokuthola abaculi akade ayefisa ukuthi asebenze nabo emculweni wakhe omusha.
Ngesonto eledlule lo mculi odabuka eNewcastle ubhale ezinkundleni zokuxhumana uhla lwabaculi afuna ukusebenza nabo kwi-Extended Play (EP) yakhe afuna ukuyikhipha nonyaka.
Ngonyaka odlule ukhiphe ingoma eyodwa ehamba noProfessor noLarney ethi Yebo Phela. Bekungeyokuqala ngemuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi ngoDisemba ka-2022.
“Bengingakaze ngibathinte abantu engibabale ukuthi ngifuna ukusebenza nabo. Ngabantu ebengibacabangile, ngaba nalowo muzwa ukuthi naba engifisa ukusebenza nabo ngoba ngiyasithanda isigqi sabo,” kusho uL’vovo.
Ubale uZakes Bantwini, okunguye owamvumbulula wamfaka emculweni, DJ Maphorisa, Danger, Zuma, Master KG noBusta 929.
Umsakazi weMetro FM, uTbo Touch, ubone lolu hla washayela ucingo uL;vovo emoyeni wase eshayela laba.
UZakes uthe uLvovo ufana nomfowabo nelungu lomndeni. Uthe wagcina ukuba sestudiyo noLvovo no-2006 noma ngo-2007.
“Ngesikhathi ngimsayinisa ngangikholwa wukuthi kunento emangazayo ngaye futhi namanje ngisakholwa kanjalo. Uhambo lwethu lwasheshe lwanqanyulwa ngenxa yokugxambukela kwabantu othandweni lwethu, okwenza uthando lwethu lwasheshe lwaphela. Senza kuphela ama-albhamu amathathu,” kusho uZakes othe uma emdinga uzomsiza.
UMaster KG uthe: “Noma kanjani sizoyenza.”
Uthe ukhule elalela uL’vovo futhi kunengoma ayithandayo ayenza noZakes iBayang’sukela ngakho ukusebenza naye kuyisibusiso kuye.
ULvovo uthe bonke bavumile ukusebenza naye futhi kuleli sonto uzoya eGoli ukuyophothula izingxoxo nabo.
“Kusukela ngiyohlangana nabo ngizobe ngikuqopha konke lokho ngoba kuwumlando okumele ugcinwe. Ngiyabonga ukuthi akekho noyedwa othe akathandi. Lokhu kusho ukuthi i-EP yami izobe ingazwakali ngendlela eyodwa kodwa inesigqi esingafani.”