BAZOBHEMA bakholwe abathandi bomculo we-jazz abazohambela amakhonsathi eYou're My Lady South Africa Tour, ngoba kuboshelwe nenkakha edume umhlaba wonke, uBob Baldwin.
Lo mdlali wepiano, ongumqambi wamaculo futhi onguphrojusa ohlonishwayo, uzoshiyelana inkundla noFreddie Jackson eSun City Superbowl, eNorth West ngoSepthemba 23 no-24, e-Emperor's Palace eGoli ngoSepthemba 30 nase-ICC, eThekwini ngo-Okthoba 1.
Omunye wabagqugquzeli bochungechunge lwamakhonsathi kaFreddie Jackson kuleli, uThulani Maphumulo, uthe baqashe noBob ngenxa yokuthi kunenqwaba yabathandi bomculo we-jazz yamanje abazifelayo ngayo.
"UBob Baldwin ubhalele futhi wahlela izingoma zabaculi abaningi abathandwayo abanjengoFreddie Jackson, Howard Hewitt, Groove Washington Jr, Paul Brown, Richard Eliiot, Marion Meadows, Bob James, Will Downing, Kim Waters, Gerald Albright, Phil Perry, Chuck Loeb nabanye abaningi," kusho uThulani weYonke Imizamo Productions.
Udalule ukuthi yena noBob basungule inkampani yomculo, iCSI Umoja, abahlose ukuvumbulula ikhono kuleli bese belithuthukisa phesheya kwezilwandle.
UBob waqala emculweni okhokhelwayo ngo-1983 emuva kokuthekela ulwazi kuyise uRobert Baldwin. Ngo-1988 wakhipha icwecwe lakhe lokuqala elalisihloko sithi A Long Way To Go. Usanda kukhipha elithi Bob Baldwin Presents Abbey Road and the Beatles, ngenhloso yokubungaza iqembu lomculo we-Pop lase-UK, amaBeatles. Le ngwazi isiwole inqwaba yemiklomelo emqhudelwaneni ehlukene, okubalwa iSESAC Music Awards.
UThulani uthe abazohambela lolu xhaxha lwemicimbi bazogezeka ubebebe ngoba izinkakha zizilungiselele ngempela. "Amathikithi adayisa ngokushesha. Ngakho abantu abaphuthume lapho kudayisa khona amathikithi ukuze bagweme ukuphoxeka," kuphetha uThulani.
Amathikithi okuthamela iYou’re My Lady South Africa Tour abiza uR450 kuya kuR1150 eTicketpro, Payzone nasezitolo zaseSpar.