IZINGWAZI zomculo wesicathamiya, iKholwa Brothers, ziphume isibili kumaWorld Choir Games aqhubeka edolobheni laseGangneung, eSouth Korea.
Umsunguli futhi ongumholi waleli qembu laseNtuzuma, eThekwini, uDerrick Mlambo, uthe baklonyeliswe ngendondo yethusi kulo mqhudelwano okuncintisana kuwo izihlabani zamazwe angaphezu kuka-43.
"IKholwa Brothers ingenele lo mncintiswano ngezingoma ezine ngaphansi komkhakha weFolk A cappella Category."
IKholwa Brothers ifulathele iNingizimu Afrika ngoJuni 30, yatheleka esikhumulweni sezindiza saseSouth Korea, i-Incheon International Airport ngoJulayi 1.
"AmaWorld Choir Games aqale ngoJulayi 2. Empeleni umncintiswano bewungoJulayi 4 futhi imiphumela yamenyezelwa ngoJulayi 7."
Eqhuba uMlambo, uthe emuva kwemiphumela yomkhakha wabo, iKholwa Brothers iphenduke inyama eSouth Korea njengoba igcine seyimenywa ngapha nangapha.
"Sinandise eGangneung City Hall lapho besiqashelwe ukucula emcimbini wokuvulwa kwengqungquthela yeWorld Choir Games Council."
Iqembu kulindeleke ukuba litheleke eKing Shaka International Airport, eThekwini ngoJulayi 14 ntambama.
"Okwamanje sisematasatasa nokunandisa emicimbini ehlukene eyingxenye yezinhlelo zamaWorld Choir Games," kuphetha uMlambo ephesheya kwezilwandle.
IKholwa Brothers ingene kule miqhudelwano ngenxa yokuhlabana kwayo kumaWorld Championship abebanjelwe eLos Angeles, eCalifornia (USA) ngo-2022.
Ngenxa yokuthi iKholwa Brothers yathola izindondo zegolide eLos Angeles, yaqokwa ukuba ingenele le miqhudelwano yamaWorld Choir Games.
Selokhu leli qembu lasungulwa nguMlambo ngo-1990 liyadlondlobala kakhulu futhi linekusasa eliqhakazile njengoba seligadla ngentsha eyalijoyina ngo-2010.
UMlambo, odabuka eSnathingi, eMgungundlovu, unguthisha esikoleni iSiphosethu Primary, eNtuzuma. Yikulesi sikole lapho acelwa khona abafana ayebafundisa kusona ukujoyina iKholwa Brothers.
"Namhlanje ngiyathobeka ukubona abafana abancane bedele konke abebengakwenza njengentsha kodwa bahlonipha umculo wesicathamiya futhi bazimisela ngawo kusukela bajoyina ngo-2010, akukho noyedwa okhathalile endleleni. Ngalokho ngiyabonga kakhulu abafana bami."
Ephetha uMlambo, ubongeke kakhulu uMnyango wezobuCiko namaSiko kuzwelonke ngokuxhasa lolu hambo lwaleli qembu.