ABEQEMBU leDeep House ehlanganiswe nesigqi sama-piano, i-Artwork Sounds, bathi baqhubeka lapho begcine khona nyakenye nge-albhamu yabo entsha, abathi ididiyele izingoma abachaza indlela abafisa umculo wokholo uzwakale ngayo, besebenzisa isigqi esidansisayo.
UGeorge Lesley onguzakwabo kaSoultronic ababumbe leli qembu, uthe konke kumi ngomumo nge-albhamu yabo yesithathu ethi ‘The Gospel According To Artwork Sounds: Chapter ll’, eqhubeka kweyokuqala eyisihloko esifanayo nabayikhiphe nyakenye.
“Le albhamu iyindlela esichaza indlela esizwa ngayo umculo wokholo, nokuthi ufika kanjani kithina sisebenzisa isigqi seDeep House nama-piano, okuzothi uma uyilalele kuzwakale nesokholo - ikakhulu ezingomeni okucula kuzo amaciko esiwapikile,” kuchaza uGeorge Lesley.
Eqhuba, uthe okwenza bafikelwa wumcabango onje, wukuthi bakhule ngaphansi kwesandla sesonto nezimfundiso zenkolo, yena nozakwabo uSoultronic, okubaholele ekutheni uma bekhipha umculo - baqinisekise ukuthi kubakhona okukhombisa ukuthi bayazana noNkulunkulu.
“Yingakho i-albhamu siqoke ukuyikhipha ngo-Ephreli 7, okuwusuku loMkhosi wePhasika lanonyaka, njengoba senze into efanayo futhi mhla sikhipha isahluko sayo sokuqala nyakenye,” kusho uGeorge Lesley.
Uveze ukuthi nonyaka balikhuphule kakhulu izinga kwindlela abayididiyele ngayo, bandisa nesibalo sezingoma zaba wu-22, zisuka ku-12 kweyango-2022.
“Sisebenze namaciko amaningi anethalente elimangalisayo emculweni engingabala kuwona uDJ Maphorisa, uKabza De Small, uDJ Stokie, yiMurumba Pitch, uKaylow nesasisebenze nabo kweyokuqala; uBrian Temba noRussell Zuma,” kuchaza uGeorge Lesley weTheko Entertainment.
Ngaphandle kwale albhamu, i-Artwork Sounds inamacwecwe amabili okuqala, okugelithi ‘Nothing Better’ ne‘Back To Basics’, womabili ashaya ngesigqi esehlukile seDeep House ehlanganiswe nama-piano.