Ezokungcebeleka Umculo

UKelvin Momo uzosonga impelasonto yePhasika ngedili lomculo

Simangaliso Ntshangase|Updated

UPHROJUSA wama-piano uKelvin Momo uzojabulisa abantu ngomcimbi wakhe wedili lomculo elizoba seThekwini ngempelasonto yoMkhosi wePhasika

Image: SITHUNYELWE

ELINYE lamaciko angaconsi phansi kubalandeli bomculo ikakhulu kuma-piano, uKelvin Momo usedalule ukuthi uzosonga impelasonto yoMkhosi wePhasika ngesiphihli sedili lomculo lokujabulisa abantu baseThekwini namaphethelo ngokuhlale bemeseka njalo endimeni.

Leli dili i-Kelvin Momo Live Concert, elihlelwa yinkampani eyaziwa ngokuhlela imicimbi i-One Man Concert Productions nophiko lwezokuvakasha lweTheku, lizoba seMoses Mabhida Stadium People’s Park, eThekwini ngeSonto langomhla ka-5 Ephreli kusuka ngo-4 ntambama kuze kuse.

UKelvin uthe ngale kokuthi ukujabulisa abantu ngomculo wumsebenzi wakhe wansuku zonke, kepha futhi leli dili liyindlela yakhe yokwethulela isigqoko abantu baseThekwini namaphethelo ngenxa yeqhaza abahlale belibamba lokweseka ubuciko bakhe.

UPHROJUSA wama-piano uKelvin Momo uzojabulisa abantu ngomcimbi wakhe wedili lomculo elizoba seThekwini ngempelasonto yoMkhosi wePhasika

Image: SITHUNYELWE

“Abantu baseThekwini bangikhombise uthando kakhulu, futhi njalo uma ngiseThekwini bahlale benza isiqiniseko sokuthi baba khona lapho engikhona, ngakho ngibone kukuhle futhi kusemqoka kimina ukuthi ngibe nabo ukuzobenzela into enhle nabangakaze bayibone,” usho kanje.

Amathikithi alo mcimbi asevele eyatholakala eWebtickets nasePick n’Pay kusuka kuR295 kuya kuR495 i-general, noR495 kuya kuR795 awe-VIP. 

Imisebenzi yalo phrojusa izikhulumela yona njengoba esaziwa nangokuthi uyiNkosi yohlobo lomculo wama-piano obizwa ngokuthi yi-Private School Piano - oshaya ngesigqi esipholile, esijabulisayo nesithinta futhi selaphe umoya nomphefumulo kwabamlandelayo.

Waziwa nangokuthi njalo uma ezokhipha i-albhamu iba nenqwaba yezingoma ezingaphezu kwa-20, zize zifinyelele naku-30 nangaphezulu -f uthi umculo wakhe usulalelwe amahlandla angaphezu kwa-476 million ku-Spotify, futhi unabalandeli abangaphezu kwa-2 million abamlalelayo nyangazonke khona ku-Spotify nakwezinye izitolo zomculo ezisebenza nge-internet.

UKelvin Momo udabuka eSoweto, eGoli, eGauteng. Igama lakhe lokuzalwa wuKelvin Thato Ledwaba. Unama albhamu agila izimanga ngokulalelwa kakhulu okubalwa kuwona i-Amukelani (2022), iKurhula (2023), iNtsako (2024), iThato Ya Modimo neN’wana Wa MuTsonga anyakenye.