UXOWLA, umdidiyeli wezingoma obuye abe ngumculi wohlobo we-Afro soul, uthi ukwanda kwabahlukanisayo emishadweni, kumgqugquzele ukuthi akhiphe ingoma.
Umculi ukhiphe ingoma ethi Intando, ngenhloso yokukhuza isihlava sokuqhuma kwamadivosi kubantu abathandanayo.
UXowla waseMnambithi, ogama lakhe lokuzalwa nguXolani Shabalala, ukhiphe ingoma izolo. Phakathi kwabaculi asebenzisana nabo kubalwa uMduduzi Ncube, aqopha naye ngaphansi kwenkampani kaBig Zulu, Inkabi Records.
“Kule ngoma yami kunevesi lapho insizwa ikhuluma nesinqandamathe sayo, icela ukusidlisa intando ukuqinisa uthando lwayo, nokusiza ukugcina omthandayo ngaso sonke isikhathi, ukugwema ukwehlukana ngoba kuphambene nendlela yokwenza yesintu,” kuchaza uXowla.
Eqhuba, uthe yize engakukhuthazi ukuthi abantu badlisane ngemithi udli kodwa ngenxa yemishado echithekayo, mhlawumbe ukwenza imizamo enjengalena yentando, ingasiza ukuhlenga imishado eminingi echithekayo.
Lo mdidiyeli usephrojuse i-albhamu yeNkabi Zezwe, esanda kuphuma. Uthe le ngoma yakhe ethi Intando, ingenye yezindlela zokuqhubeka nokujabulisa abalandeli bomculo wabo.
“Kulo nyaka sihlele ukuqhubeka nokujabulisa abathandi bomculo wethu, njengoba kuzothi ezinsukwini ezizayo, sethule le ngoma ezindaweni ezahlukene,” kuchaza uXowla.
Phakathi kwezingoma asezididiyele kubalwa ethi Alusafani yeQwabe Twins, Ikhwela kaZandie Khumalo, Ivolovolo kaBig Zulu, Ithuba neNgiyeza zikaLwah Ndlunkulu.