UMDIDIYELI wezobuciko kwezeshashalazi nezomdanso wesimanjemanje uMusa Hlatshwayo, usezinhlelweni zokubukisa ngomsebenzi wakhe. Uhlele ukugabisa esiteji ngomdlalo weshashalazi oxoxwa ngomdanso obizwa ngokuthi, Udodana.
UMusa uthe inhloso yakhe ngokudidiyela umdlalo, wukuqhakambisa ukubaluleka bokuthi kuxoxwe futhi kucutshungulwe ubudlelwano obehlukene abesilisa ababanabo nabantu abangaphambili kwabo. Wenza isibonelo ngobaba, abefundisi nabaholi ngenhloso yokucubungula ukuthi kusho ukuthini ukuba ‘udodana’ kubo.
“Umuzwa wokuqala owaholela ekutheni ngigcine ngididiyele lo mdlalo, wavela ngesikhathi ngishonelwa ngubaba wami eminyakeni emibalwa edlulile. Ubunzima engabhekana nabo macala wonke njengendodana yakhe, bangenza ngacabanga ngokujula ngefa nomthwalo wokuba yindodana.
“Ngenxa yokuthi umfowethu ebengimelama, sewashona. Ijoka lemisebenzi nezidingo ezisala uma umholimuzi nelungu lomphakathi eliqavile selihambile, ngilithwalile. Nokuyilapho engizithole sengizibuza, imibuzo mayelana nenhlobo yobudlelwano ebesinayo naye. Bengizibuza ngibe ngizama nokuqonda inhlobo yobudlelwano ayenabo naye nobaba wakhe, okuthiwa wayengumholi webandla, i-African Congregational Church. Kulapho engiqhamuke khona nalo mdlalo, ngawubheka ngeso elicubungula isimo samakhosana emindenini, emphakathini, ebandleni nasempilweni nje…” kugonyuluka uMusa ngezinjongo zakhe zomdlalo.
Lo mdlalo wadidiyelwa ngo-2018 emuva kokuthi uHlatshwayo ehlabane ngendondo yeStandard Bank Young Artist Award, eyayihambisana noxhaso lokuthi ahlanganise umsebenzi omusha, awukhombise kwiNational Arts Festival, eMakhanda. Wathokozelwa kakhulu ababewathamele, wamenywa ukuthi uboniswe kwiJomba Contemporary Dance Experience, eThekwini ngo-2018.
Nyakenye uphinde waboniswa ePlayhouse ngaphansi kweNew Stages, lapho wathokozelwa kakhulu ngenxa yezinga lobuchule nobuciko obusetshenziswe kuwo, nesihloko osithintayo. Umdlalo uqukethe izinsizwa eziyishumi ezinamakhono kanti kukhona ezidansayo zidlale izigubhu, zihube njalo, njalo okubalwa noHlatshwayo uqobo.
“Ngicabanga ukuthi abantu bawuthokozela kakhulu ngoba uthinta ezinye zezinto abafisa ukukhuluma ngazo kodwa baswele amazwi. Esikwenzayo ngomdlalo siveza amacala amaningi obudlelwano babantu besilisa, ikakhulu ngokuhluka kweminyaka yabo. Emuva kokuwubukisa, siye sivule inkundla. Sixoxe, nabesilisa ukuze bakwazi ukudlulisa imibono yabo. Babhoboke, bezwe nakwabanye ukuthi bona ekukhuleni kwabo, ekudodeni kwabo nasempilweni nje kusho kuthini kubo, ukuba udodana.”
Uthe bazoqale bathule umdlalo emithonjeni yabezindaba, kubaphathi bezikhungo zemidlalo nezobuciko, nezikhungo zemiphakathi, othisha, izikhulu zomasipala nabasezikhundleni esifisa ukuzivakashela ePlayhouse, eThekwini ngoLwesithathu nangoLwesine ngo-4 ntambama.
“Sizobe sesivulela nethuba abafundi, namalungu omphakathi asenkabeni yeTheku ngaphambi kokuthi sivakashele izindawo ezinjengeDenis Hurley Centre, iKwaMashu Multi-Arts Centre, Wushwini Pan African Centre for Arts namahholo omphakathi. Siyobe sesisabalala sivakashela izikole neminye imiphakathi eyosimema esiyoyivakashela ukuqala konyaka. Abangekho ezinkundleni zokuxhumana nabafisa ukuxhumana nathi bengathumela i-email ku- [email protected]."
UHlatshwayo ube esebonga kakhulu kwiNational Arts Council kanye nePSP4 Programme ngoxhaso lwabo.