UGugu Khathi ongunkosikazi kaDJ Tira uselufake kubameli bakhe udaba lukaMusa Khawula amsola ngokumhlambalaza ezinkundlemi zokuxhumana. UMusa wadalula ukuthi uGugu unomunye umuntu athandana naye ngaphandle komyeni wakhe.
Abameli bakaGugu okuyiMovi Attorneys bathe bacelwe uGugu ukuthi babhalele uMusa le ncwadi, mayelana nokwashiwo uyena ukuthi uGugu uthandana noTebogo Lerole.
UGugu esebenzisa abameli bakhe uthe okwakushiwo uMusa ukuthatha njengento eyayimehlisa isithunzi.
Abameli bathe ngemuva kokuthinta uSli Khumalo ngalezi zinto wakuchitha ukuthi uke waxhumana .noMusa.
Babe sebecela uMusa ukuthi abambisane nabo, abathumele imiyalezo kaWhatsApp eveza inkulumo kaSli naye (uMusa) noma yini engaba ubufakazi.
Babe sebetshela uMusa ukuthi bamnika izinsuku ezinhlanu ukuphendula kulokhu kusuka ngosuku ayithole ngalo le ncwadi.
Bathe uma ehluleka ukwenza lokho bazobe sebeqhubeka nezinyathelo zomthetho.
Isolezwe Online lithinte uGugu, okuqinisekisile ukuthi uthathela uMusa izinyathelo zomthetho. Ube esethi uSli wakuchitha elekelelwa ubufakazi, ukuthi uyena owaqamba amanga nowaya kuMusa.
“Encwadini yabameli bakhe uSli, bagxeka uMusa ngawo wonke la manga,” kusho uGugu.
UGugu ugcine esethumela nencwadi yabameli bakaSli Khumalo ebeyiveza ukuthi uSli akahlangene nale nto kodwa umuntu osoleka ngokufafaza yonke le nto uMusa.
Imizamo yokuthola uMusa ayiphumelelanga.