UKUTHOLA enye yezindawo eziphambili eqala ukubonakala kwithelevishini yikhona okumjabulisile uZodumo Shange, manje osemdlalweni iSibongile & the Dlaminis.
Emdlalweni okhonjiswa kuMzansi Wethu (163), uZodumo ulingisa indawo kaNelisiwe ongomunye wabasizi bakwaDlamini.
UZodumo uthi ukulingisa indawo kaMaMzobe omncane emdlalweni Umkhokha ngesikhathi uqala, kumenze wabona ukuthi usengavulekelwa ngamanye amathuba.
Ikhuluma neSolezwe le ntokazi yaseFolweni, eThekwini kodwa esizinze eMgungundlovu ithe ibigxile ekulingiseni imidlalo yasesiteji kodwa ukuthola ithuba lokuba kwithelevishini kwakuhlale kuyisifiso sayo.
“Ubaba uDuma Ndlovu wangibona ngilingisa kweminye imidlalo yasesiteji, okulapho akhuluma nami khona, wangincoma kakhulu wakhombisa ukuwuthanda umsebenzi wami.
Kuthe sekuvela indaba yoMkhokha ngahamba ngayozama inhlanhla, okwangijabulisa wukuthi bangithathe yize indawo yami yayincane kodwa kimi yaba nkulu njengoba yayihamba phambili.
Ukuphinde ngithole le engiyilingisa manje nakho angikuthathanga kancane ngoba ngabona ukuthi sekwenzeka njengezifiso zami kulo mkhakha,” kusho uZodumo.
Uthe kuyimanje indawo kaNelisiwe isemehlweni abaningi kulo mdlalo njengoba enebhizinisi lokuwasha alenza eceleni, ezokhula emasontweni azayo.
“Le ndawo izokhula kakhulu. Manje abantu basazoke bathi njo kuNelisiwe njengoba kukhona azobe ekwenza kwaDlamini. Emkhakheni wokulingisa ngifuna ukuba ngomunye wabesifazane abahlonishwayo futhi ngize ngifike la ngifuna khona.
Ngihlale ngithobekile njengoba ngiwumuntu ozithobile. Ngifuna ukufana noSindi Dlathu, Thuso Mbedu nabanye. Ngiyafisa futhi ukukhula ngize ngilingise emafilimini ngisho nasemdlalweni Ushaka Ilembe, ngingajabula kakhulu ukuba yingxenye yalo mdlalo,” kuchaza yena.
Uthe okunye azifela ngakho, wukuzivocavoca njengoba eseze wavula inhlangano ekhuthaza khona entsheni nakubantu abadala.