UTHE usathukile namanje uNelisizwe Skhosana okhale wemuka nesicoco salo nyaka emncintiswaneni womculo wokholo othungatha amakhono iGospel Icon Discovery.
Lo mncintiswano wenziwa uMasipala weTheku ukuthuthukisa amakhono entsha efuna ukukhula emkhakheni wokucula, ugoqwe ngeSonto, emcimbini obuwubukhazikhazi e-ICC, eThekwini..
UNelisizwe waKwaMashu Kwa-G, uthe ubengakaze azibone engenela umncintiswano walolu hlobo, kodwa umngani wakhe wamxusa ukuthi ake azame inhlanhla.
“Bengingalindele ukuthi ngingawina, angifuni ukuqamba amanga namanje angikakholwa. Kodwa ke sekwenzeke konke, ngijabule kakhulu njengoba kuleli yize ngizazi ukuthi ngiyakwazi ukucula futhi nginekhono kodwa bengingaziboni ngingenela imincintiswano bengiqala. Ngiyambonga kakhulu uNkulunkulu ngokungibeka la ngikhona manje,” kusho uNelisizwe.
Uthe uvalo obelumenza angayingeneli imincintiswano.
“Njengoba manje sengila ngikhona, angifuni ukugcina ngokucula kuphela. Kodwa ngifuna ukuthola ulwazi ngamabhizinisi amaningi engingawenza ngaphakathi kuyona le ndima yomculo. Ngifuna futhi ukuqhubeka nokusiza intsha yazi kabanzi ngalo mkhakha uma mina sengilutholile ulwazi,” kusho yena.
Uthe angakuthanda ukusebenza nabaculi bowokholo okukhona kubo uMabongi Mabaso, Khaya Mthethwa nabanye.
Unxuse ukuthi uMasipala weTheku uqhubeke nokwenza imincintiswano efana nalena esiza intsha.
Esigabeni sokugcina uNelisizwe ubebambene noSindi Ngidi othole u R20 000 othathe indawo yesibili noNeliswa Dlamini othathe indawo yesithathu wathola u R10 000.
UNelisizwe ukhale wamuka noR50 000, nathe uhlele ukuthi aqhubeke akhe ngayo kubo enye ayisebenzise ezintweni ezithinta umculo.
UDkt Simphiwe Ndlovu oyinhloko yoMnyango wamaPaki, ezokuNgcebeleka namaSiko kuMasipala weTheku uthe liyabamangaza ithalente elikhona eThekwini unyaka nonyaka uma benza lo mncintiswano.
Uthe lo mncintiswano uyabakhombisa ukuthi abantu abasha bayawadinga amathuba okuveza amakhono abo yingakho bengeke bawudedele futhi bajabule nangendlela ohambe ngayo kulo nyaka.