INTANDOKAZI yomculi weGqom, uBongekile “Babes Wodumo” Simelane nodadewabo uNondumiso, ophinde abe yimenenja yakhe, basolwa ngokubaleka nemali yomcwali wezinwele.
Labo saziwayo kuthiwa babaleke nemali yokwenza amakhanda kaKuhle Plaatjies weKuhle Exquisite Beauty, eGoli ngoLwesihlanu olwedlule.
Ezikhalela uKuhle, ubhale ekhasini lakhe kuFacebook ekhala ngabo waze wafaka nezinkulumo phakathi kwakhe nabo, lapho babemthembisa khona ukuthi bazomkhokhela, bagcina sebengazibambi izingcingo zakhe.
Enkulumweni ebhalwe uKuhle uthe: “Bakwethu uNondu Simelane noBabes Wodumo bangifonela ngabo 12 ebusuku ngoLwesihlanu olwedlule, bethi bacela ngibenze amakhanda ngiphinde ngibaphophothe ubuso ekuseni ngoMgqibelo. Angivumanga ngoba ngisamile ukusebenza okwamanje futhi babefuna ngivuke ekuseni ngabo-3 ngizobenza. Bangincenga ngaze ngavuma kodwa sangakhuluma ukuthi sizokhokhelana kanjani ngoba sasixoxa ebusuku, nami nganganaka ngoba kwakungekhona okokuqala ngisebenza nabo. Ngavuka ekuseni ngoMgqibelo ngayobenza bobabili. Emva kwalokho uNondumiso wathi angithumele ku-WhatsApp wakhe ukuthi kuzoba yimalini konke engibenzele kona, ngempela ngenza kanjalo. Ngesikhathi sesizohlukana, uBabes wanginika ama-wig akhe amabili wathi ucela ngimlungisele wona bese ngiwabuyisa ntambama ngoba kunomcimbi abazoya kuwona. Ngawalungisa lawo ma-wig kodwa angikwazi nokuwadayisa njengoba emabi engathi izimpaphe zehansi. Emva kwalokho uma ngibabuza balokhu bengibikela izinto eziningi kube sengathi abanaso isikhathi. Kuze kube yimanje abangikhokhele. Ngibona ukuthi benza ngamabomu ngoba ngoLwesithathu bebezikhiphele kwaMai Mai, bezidlela inyama, abasenasikhathi sami futhi abasabambi nezingcingo zami,” kusho uKuhle ekhasini lakhe.
Kuthintwa uBabes Wodumo, ulubambile ucingo waqale waziphika maqede wavala ucingo. Kuqhutshekwa eshayelwa, belukhala alucishe. Ugcine eselubambile waqinisekisa ukuthi uyena uBabes Wodumo.
Ubuzwe ngalolu daba lukaKuhle, wase ebuza ukuthi ukusho kuphi lokho uKuhle, okuthe uma esechazelwa wavele waluvala ucingo.
Imizamo yokumthola ibingasaphumeleli njengoba belukhala alucishe ucingo lwakhe. Ugcine esethunyelelwa umyalezo okuze kwashaya isikhathi sokushicilela engawuphendulanga kodwa kubonakala ukuthi ufikile kuyena.
Imenenja yakhe, uNondumiso, naye olwakhe belukhala lungabanjwa. Umyalezo athunyelelwe wona naye akawuphendulanga.
Akukhona okokuqala kukhalwa ngoBabes. Ekuqaleni kwale nyanga uke waba sezindabeni kukhala uPearl Mhlongo wePearlisiwe Make-Up and Skincare waseThekwini, othi wayemphaqule ubuso wabaleka nenkokhelo yakhe engu-R1 200.