EMUVA kwesikhathi eside uhlala uthukwa ngenhlamba umzwilili wakuleli ugcine uthola ukwesekwa ekhipha i-albhamu entsha.
ULady Zama ongomunye wezintokazi ezinomculo osezingeni eliphezulu ukhiphe i-albhamu ethi Rainbow nekade ibhekwe ngabomvu.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi esikahle lapho abantu abaningi beyeseka lentokazi, kulandela nokuthi yagcina ikuveza ukuthi iyahlukumeza
"Lady Zamar wethu qhubeka nokwenza kahle baze bakubone uyinkosi yomculo. Umuhle ngaphakathi nangaphandle," kusho uWeleh Philile Mbokazy.
"Usebenzile kwiRainbow izingoma zinhle futhi zikahle kakhulu," kusho uNeo Letselebe.
"Ngiyaqala ngqa ukuyilalela namhlanje futhi ngiyayithanda," kusho uThato Letlape.
"I-albhamu iyashisa kakhulu, ngithanda lengoma ethi Work for it," kusho uPee Peshy.
Yize kunjalo akhona namazambane abolile azame ukona into enhle ngokuvusa izinsolo zokudlwengulwa ezavezwa uLady Zamar esola uzakwabo emculweni.
Iningi labantu livele lakushaya indiva lokhu, kunalokho ziyanda izincomo ngale albhamu.
ULady Zamar uveze ukuthi iRainbow seyiyatholakala ezinkundleni zomculo.