ILOKHU ijikelezile ezinkundleni zokuxhumana ividiyo ekhombisa umculi wokholo elingisa ezitika ngocansi nowesifazane.
UThinah Zungu ongumfundisi, ngo-Okthoba 17 ubonakale emdlalweni omusha iMother of All yesiteshi sethelevishini esitholakala ngezobuchwepheshe besimanje i-e VOD.
UThinah kulo mdlalo unguMalusi ongumculi wokholo oshadelwe onomndeni kodwa ophinga nowesifazane thizeni.
Echaza kabanzi ngale ndawo uThinah, uthe ayiqhelelene neze nokholo njengoba iningi labantu limsola ngokuphambana nenkolo.
Ngesikhathi eyithatha ngo-2021 uthe wayazi kahle ukuthi uqopha isiqephu esinamazwibela ocansi, okuyinto ayithatha njengengxenye yempilo eyenziwayo ngokwemvelo.
"Ukubakhulula abantu, ngicela bazi ukuthi kuyingxenye yomsebenzi wami njengeciko. Okungehlanga kahle kubo ngicela bangixolele.
Ngokwami mhlawumbe kuyakhombisa ukuthi singamakholwa, asikho ezintweni eziningi njengemidlalo yethelevishini, okwenza kubathuse abantu uma sebebona mina.
Kuyadinga ukuthi nathi sibe neyethu imidlalo esiyiqophayo ngezimo zempilo," kusho uThinah.
Eqhuba uthe yize uMalusi eyikholwa elishadelwe eliphingayo kodwa kuningi abantu abasazokufunda ngale ndawo uma bezinikeza ithuba ngaphandle kokwehlulela.
"Imidlalo eminingi isuke iqukethe isifundo ngezinto ezenzeka emhlabeni, bese iba nesisombululo esingasiza nomunye umuntu kube khona okumvula amehlo.
Lo mdlalo mkhulu kakhulu. Kuningi abazokuzuza kuwo abantu ngoba noMalusi kukhona asazokwenza, baphinde bakubuke ngeso elijulile.
Ngiyajabula uma ikhulumisa kanje le ndawo engiyidlalayo ngoba ngaqopha izinyanga ezintathu ngizikhandla," kusho uThinah.
Ebuzwa mayelana nezinhlelo zakhe, uveze ukuthi konke kuhamba kahle futhi nomculo umbeka ebalazweni ayelifisa.
"Ngabe ngiyanyeza, uNkulunkulu ungibusisile manje ngoba senginesitezi, i-swimming pool nengane ewumculi esiqokelwa nezindodo," kuvala uThinah ephela insini.
Ngaphandle kwale vidiyo yocansi nasezinkundleni zokuxhumana uThinah uhlala esematheni kubantu, osekwenza izinkampani ezinkulu zikholelwe kuyena.