UKUZINCISHA ukudla kumenze waba nesisindo somzimba esimgculisayo umculi wakuleli okhuthaza nabalandeli ukuzinakekela. UPrince Kaybee uveze ukuthi ezinyangeni eziyisithupha ezedlule wathatha isinqumo sokudla kanye ngosuku nokushiya phansi izicoficofi. Lokhu uthe kumsize kakhulu ukuthi anciphe nokugcina umzimba wakhe usesimweni esinempilo.
"Ngidinga ukuthi nonke nike niyicabange eyokuncipha, kusukela nyakenye ngizincisha ukudla angibange ngisabheka emuva. Lezi zithombe zombili azenziwe lutho kodwa umehluko ukuthi esobunxele ngangisadla izicoficofi kayisithupha ngosuku, kwesokudla ngidla kanye ngosuku ufishi nemifino ngiphuze amanzi," kusho uPrince Kaybee.
Abantu bamshayele ihlombe ngesenzo sakhe, abanye baveza nokuthi nabo bayayincenga kule ndlela.
"Sekuyizinyanga ezimbili ngikwenza, ngehle ngisuka ku-79kg sengiku-68kg manje," kusho uPumielove.
" Ngayeka ukudla izicoficofi nokudla okuchochobalisiwe ngoJanuwari, isinqumo esihle engazithathela sona," kusho uSlondile_tshabalala.
"Kudinga ukuthi uzibophezele ngempela, ubukeka kahle siyakubongela," kusho uMichellepeme.
"Ukudla izicoficofi kungakwenza ubukeke usumdala ngeminyaka ewu-20," kusho uBloom_thato.