OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM futhi osezibiza ngenkosi yamabhinca, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu, ubuyela eNkantolo yeMantshi yaseRandburg, eGoli namhlanje ukuzozwa ngesinqumo senkantolo ngecala abhekene nalo lokuphehla udweshu ngoJulayi 2021.
UNgizwe ubekwe icala lokugqugquzela abantu bakuleli ukuba batape futhi bacekele phansi impahla nelokuphikisana nomthetho owawunqanda ukuhlangana kwabantu ngesikhathi kubhoke isifo seCorona emhlabeni jikelele.
Nakuba kunjalo uNgizwe uyawaphika wonke lamacala, uthi ubhecwa ngobende ekubeni inyama engayithanga mbibi. Yingakho efake isicelo sokuba akhishwe phambili kuleli ngokwesigaba sika-174 somthetho iCriminal Procedure Act.
Ngesikhathi uNgizwe egcina ukuvela enkantolo imantshi yayishaya amakhala ngokuboshwa kukaNgizwe, isola ukuthi abukho ubufakazi obuqanda ikhanda ukuthi ungumphehli wodweshu, kanjalo nomshushisi wayethi kusadingeka ubufakazi obanele obuyamanisa uNgizwe naleli cala. Nakuba kunjalo umshushisi waveza ukuthi sekulele kuNgizwe ukuthi uqhamuka naziphi izizathu ezinqala ezingamenza angatholakali enecala.
UNgizwe ungumsolwa wesine ukuboshelwa leli cala ngenxa yezibhelu ezabheduka KwaZulu-Natal naseGauteng kulandela izikhalo ngokuboshwa kowayenguMengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma ngoJulayi 7.
Kuthiwa uNgizwe wazibangela amazinyo abusheshelezi ngokunqumela uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, izinsuku ezintathu ukuba akhulule uZuma ejele laseMtshezi lapho ayelindeleke ukuba adonse izinyanga ezingu-15.
UPhiko lezokuShushisa kuleli latshela imithombo yezindaba ukuthi uNgizwe usolwa ngokugovuza abantu bakuleli ukuba basuse uthuthuva ngesikhathi ekhuluma esithangamini sabezindaba eGoli. Wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela eThekwini, maqede icala lakhe ladluliselwa eGoli ngoJulayi 2021. Wake wabhadla esitokisini ngenxa yokuthi abeNPA babelokhu bekuphikisa ukukhululwa kwakhe ngebheyili ngoba kusolwa ukuthi uyingozi.