NGALESI sikhathi sonyaka ngo-2022 iNingizimu Afrika yavuka ngezindaba ezishaqisayo, umndeni womzwilili wakuleli uveza ukuthi uhlaselwe isifo sohlangothi ephesheya kwezilwandle.
ULira oyintandokazi kwabaningi uvule isifuba sakhe kwingxoxo ekhethekile neKaya FM echaza ngokwamehlela ezonandisa eGermany.
Uveze ukuthi isoka lakhe lamthinta lingazi ukuthi useyagula kanti naye ngokunjalo wayesadidekile ngokwakwenzeka kuye.
"Wangifonela ngangakwazi nokubamba ifoni, ingqondo yayididekile ngaze ngalibamba esezama okwesithathu ngoba ngingakwazi ukubamba ucingo.
“Ingqondo yayikwazi okumele ngikwenze kodwa ngingakwazi. Ngangingasakhulumi wathi uzobiza umuntu osebenzayo ngathi ngizolala ngivuke ngingcono," kuchaza uLira.
Eqhuba uthe kwasa ngokunye ngakusasa evuka isimo sinzima kakhulu.
"Ngavuka ekuseni ngakusasa ngingakhulumi, kube kumele ngiyocula ngosuku olulandelayo. Isoka lami lafonela engisebenzisana nabo, basho ukuthi kukhona abazofika endlini bezongisiza," kusho uLira.
Kwenzeka konke lokhu nje uLira wayekude nesithandwa sakhe nomndeni kanjalo nabantu asondelene nabo.
Konke lokhu ukuchaze njengento eyenzeka kwangathi kuye kudlala ifilimu ebhekile.
Uveze ukuthi nendlala yayisimbulala ngoba wayegcine ukudla ngayizolo ekuseni. Kubona lobo bumnyama kwafika ukudla angakuthi mbibi, noma kunjalo kodwa wabizelwa i-ambulensi.
ULira uke wahlaba ikhefu ezintweni eziningi ezama ukwelulama, okubalwa umculo, ukuhambela imicimbi nezinhlelo zabesifazane ezahlukene.
Muva nje useyabonakala ezindaweni eziningi futhi kuyabajabulisa nabalandeli bakhe emculweni kanjalo nezakhamizi.
Ngenyanga edlule abangani nezihlobo okubalwa nabanye osaziwayo bahlanganyele noLira egubha usuku lokuzalwa.
ULira wenzelwe isiphihli sedili kubungazwa usuku lwakhe kwazise usanda kudlula kulesi simo esinzima.