ISILOMO somculo kamaskandi, uKhuzani "Indlamlenze" Mpungose, sithole ingqayizivele yethuba lokushiyelana inkundla nomakadebona odume umhlaba wonke, uJeffrey Osborne, kwi-You Should Be Mine South African Tour, ePietermaritzburg Athletic Stadium, ngoMashi 23.
UKhuzani uthe kuyamkhuthaza kakhulu ukuhlale ebona igama lakhe libalwa ekushiyelaneni inkundla nabaculi abakhulu.
"Lokhu kusho ukukhula kwegama lami emculweni nje jikelele. Kukhomba izinga esengifinyelele kulona emculweni nokumela umculo kamaskandi jikelele," kusho umculi obe ngowokuqala kumaskandi ukuhlukanisa unyaka kabili kuKhozi FM. Waqala ngeJele ngo-2020 walandelisa ngoMjolo Lowo ngo-2023.
Kulo mculo okulindeleke ube yindumezulu yomcimbi, uKhuzani uzobe esina ededelana noVusi Nova, Brian Temba, Msizi Shembe, Ntando, Linda Gcwensa, Zakwe, Duncan, Collen Zondo, Mzokoloko, Mazola, Kenny K noNhlanhlo.
UJeffrey Osborne usekuqinisekisile ukuthi uzobe efike ngezinkani okokuqala ngqa eNingizimu Afrika futhi eqhulula amanoni athi Family, Stranger, You Should Be Mine namanye amaningi.
Uchungechunge lohambo lwakhe luzoqala eGrand Arena eCape Town ngoMashi 20, ludlulele ePietermatizburg Athletic Stadium ngoMashi 23 naseSunbet Arena, ePretoria bese imbenge iphethwa e-Emperors Palace eGoli ngoMashi 29.
Amathikithi athengwa ubuthaphuthaphu e-Ticketpro, ezitolo zase-Spar Payzone nase-Postnet kuzwelonke ngo-R490.
*Khonamanjalo, uKhuzani uzobuye ashiyelane inkundla nezinkakha zakuleli kwi-6th Umlazi Jazz Festival, eKing Zwelithini ngoMashi 30.
Kubaculi azobe enandisa nabo kulo mcimbi kubalwa uSelaelo Selota, Sipho Mabuse, Siphokazi, Bongani Nkwanyana, Mondli Ngcobo, Naima Kay, Fanie Dick, Toti Grooves, Lihle Ngongoma, Sandile Dlamini, Mandla Mdletshe, Collen Zondo, Mzokoloko, Msizi Shembe, Penny Ntuli, DJ Muntu, DJ Makhe noDJ Ricky. Amathikithi aseyatholakala e-TicketPro, e-Spar nase-Payzone ngemali esukela ku-R350 kuya ku-R2 600 kanti eye-coolerbox wu-R100.