ISIHLABANI somculo wokholo, uHlengiwe Mhlaba sibonga uNkulunkulu ngokusinda kukubi, sibangwa nezibi esibhedlela inyanga yonke.
UHlengiwe udalule lokhu ngesikhathi enandisa emcimbini wokubungazwa kogogo nomkhulu, obuwenziwe wuMasipala waseMshwathi eNew Hanover muva nje.
"Ngimbonile uNkulunkulu sekuthiwa angihambi, ngisesibhedlela inyanga yonke. Izinyawo sezithi awuyi ndawo, uhleli," kusho uHlengiwe ngaphambi kokucula ingoma athe uyibhekisa kuNkulunkulu esihloko sithi Sthandwa.
Lo mculi waqala ukugula ngo-Agasti nyakenye. Wavele waphuka umlenze ngaseqakaleni emuva kokugeja isitebhisi ayehamba kusona.
Lokhu kwenzeka kufanele ayokhuluma emcimbini i-Ungazibulali Campaign eSandton, eGoli ngo-Agasti.
Ngokusho komthombo osondelene naye, uHlengiwe waqala wazitshela ukuthi isenyelo kanti ulimele kabi.
Waze wabona ngoba umlenze sewuvuvukala ukuthi isimo sibi kakhulu. "Wabe esephuthunyiswa esibhedlela lapho afike wafakwa egunjini labaxineke kakhulu, maqede wahlinzwa ngodokotela."
Eqhubeka uHlengiwe emcimbini waseMshwathi, uthe yena uzovotela i-ANC ngoba yilona qembu alaziyo futhi yingakho engabonakali emikhankasweni yamanye amaqembu.
UHlengiwe ubehambele lo mcimbi noNgqongqoshe wezeziMali uNkk Peggy Nkonyeni, uSomlomo waseMgungundlovu, uNkk Nonhlanhla Gabela, owayeyimeya yaseMsunduzi uMnuz Themba Njilo, owayeyiMeya yaseMgungundlovu uNkk Thobekile Maphumulo, iLungu lePhalamende uNkk Sfucwane Zungu nabaNtwana baseNdlunkulu kanye nezinye izikhulu.
IMeya yaseMshwathi, uMnuz Mandla Zondi uthe bathathe isinqumo sokubungaza izaguga zakule ndawo ngoba befuna ukuzibonga ngeqhaza lazo ekukhuliseni intsha.