USAZIWAYO kwezokuxoxa izinganekwane ohlonishwa umhlaba wonke, uDkt Nokugcina Elsie "Gcina" Mhlophe, uqophe umlando ngokuba incwadi yakhe yodumo esihloko sithi Nozincwadi The Mother of Books, ixoxwe ngolimi lwezandla.
UMam'Gcina (64) uthe uthathe isinqumo sokuqopha le ncwadi nge-video ngenhloso yokwenza ukuthi iqondwe nangabantu abangezwa ezindlebeni basemhlabeni jikelele.
"Unozincwadi uyingxenye yomkhankaso esawuqala ngo-2001. Sesiwuqhube yonke le minyaka. Ngo-2021 besigubha nje ukuphela kweminyaka ewu-20 waba khona.
Ngawo lowo nyaka sashicilela le ncwadi ngolimi lwabangaboni (braile). Kwafika abantu abanamakhono ayisimangaliso nabaculi abangaboni."
UMam'Gcina uthe wakujabulela kakhulu ukulalela abantu befunda incwadi yakhe ngolimi ayengakwazi ukulufunda. "Babethinta amaqhuqhuva nje, iphume indaba.
Kulo nyaka ngithathe isinqumo sokusebenzisana nabeVideovision Entertainment, basilekela ngethimba labo lamakhamera. Uthishanhlonhloko wesikole sabantwana abangezwa, iVulindlebe School for the Deaf, uNkk Nomathemba Ndlovu, uhambe nami sayoqopha Unozincwadi The Mother of Books kwi-video ukuze sikwazi ukuyithumela ezikoleni zabantwana abangezwa.
Othisha bezikole zabantwana abangezwa bebekhala ngokuthi alukho abalungiselwe lona olukhethekile."
UMam'Gcina uthe bazokwethula ngokusemthethweni incwadi esihloko sithi Nozincwadi The Mother of Books Sign Language Video eBessie Head Library, eMgungundlovu ngoSepthemba 8 ngo-11 ekuseni.
"Umhla ka-8 Septhemba wusuku olusemqoka kakhulu kithi ngoba yilo esasungula ngalo uNozincwadi The Mother of Books ngo-2001 emuva komjikelezo.
Njalo ngonyaka senza okuthize ngalolu suku." Uthe kulo nyaka kuzokwenziwa umcimbi omkhulu njengoba bethula incwadi eyi-video.
Eqhuba uMam'Gcina uthe kulindeleke ukuba kutheleke umphakathi onenkinga yokungezwa nabafundi basezikoleni zabantwana abangezwa ezihlukene.
"Nabantwana bazoveza amakhono abo. Kuzonandisa omunye umculi ongaboni onekhono eliyisimanga. Sijabulela ukugubha lolu suku nezikole zabntwana abakhubazekile, ikakhulukazi abangaboni nabangezwa," kuphetha uMam'Gcina onekhono lokuxoxa izinganekwane ngesiZulu, isiNgisi, isiBhunu nesiXhosa.
Ngo-2016 wahlonishwa yiNhlangano yezokuSakaza iBBC ngokumklelisa nabesifazane abawu-100 abavelele emhlabeni ngenxa yamagalelo akhe.