UKUBA iciko kuhambisana nezingqinamba eziningi ngaphambi kokuthi umuntu athole udumo ngomsebenzi wakhe bese kuthiwa usaziwayo oqashwayo. Umculo ngomunye wemikhakha ebalulekile kwezokungcebeleka nezobuciko kodwa iningi labaculi lingena ogibeni lokusayina izivumelwano ezingabathokozisi ngenxa yokuswela ulwazi. Muva nje iningi lamaciko liyazidela libuyela esikoleni ukufundela izinto ezehlukene eziphathelene nomculo.
Muva nje intokazi yeMalaika uTshedi Mholo ijabulise abaningi iveza ukuthi ithweswa iziqu zeMusic Business eBoston College. Lokhu kusho ukuthi siyanda isibalo samaciko azokwazi ukuzivikela emabhizinisini athinta umculo kuphinde kusizakale namanye asafufusa. UTshedi akazange ande ngamagama kodwa izolo ubonge ukwesekwa elinye lamalungu omndeni wakhe waveza ukuthi usuku lokwethweswa kwakhe iziqu luqondane nokuthi iningi lamalungu omndeni wakhe ebematasa. Unameke nesitifiketi sakhe asithole kulo mkhakha ebewufundela.
" Uma ngingazivikeli ngokwami, akekho oyokwenza," kusho uTshedi.
Abantu zibahlabe umxhwele lezi zindaba bazwakalisa okukhulu ukumjabulela ngempumelelo yakhe.
"Siyakubongela ntokazi, siyaziqhenya ngawe uqhubekele phambili," kusho uNana Coyote productionssa.