UZANELE "Nestum" Nyakale wodumo eqenjini lekwaito i-Abashante, ugonyuluke ngokusinda sebefuna ukumthwalisa.
UNestum (44) obengumsakazi weLesedi FM nomethuli weJam Alley nePlease Call Me, uthe uke wahlukumezeka futhi wazaca waze walingana nothi lokuvungula ngoba enqabe ukuthwala.
"Kule ndima yomculo kufanele wazi ukuthi ungubani, yini onekhono lokuyenza futhi kufanele uzazi ukuthi awusilo igwala futhi awulokothwa.
“Yima ngikutshele. Ngizongena ngijule. Abantu abasebenzela usathane bathungatha abantu abaneziphiwo ezithize. U-99% wamaciko uzozwa kuthiwa uyathwasa...,“ kusho uNestum kwiHappy Dayz on Podcast
Uthe abantu abasebenzela usathane bathungatha labo bantu abaneziphiwo abazithole kuNkulunkulu nasemadlozini.
Echaza uthe abantu abathwele ubabona ngokuthi umuntu athi engenzi into etheni kodwa athi uma eqhamuka nanoma yikuphi kuhlanye abantu.
"Ngatshelwa emehlweni ukuthi uma nginqaba ukusebenzela usathane ngizohlupheka. Ngizofa ngingenalutho. Ngiyinja," kusho uNestum.
Uthe abasebenzela usathane bakuthembisa izulu nomhlaba uma ubajoyina, okwenza yena wanqaba wukubona abantu ayeyibambe nabo endimeni yezokungcebeleka sebevithikile, abanye sebengasekho emhlabeni, ekubeni yena esaqhubeka nokujabulisa abantu.
"Ungena kulento maqede emuva kwezinyanga ezintathu, abantu basuke sebehlanya ngawe. Basuke bengajatshuliswa nguwe kodwa basuke behlanyiswa yilento oyijoyinile.
“Ngokuhamba kwesikhathi lento iyakhula. Uba nabalandeli abaningi futhi uqashwe ngapha nangapha. Ube nemali eningi. Akugcini lapho kodwa ugcina sewuphelelwe wushatini.
"Kunamazwi owezwayo. Yilamazwi ayezwiwa wuRiky Rick ayi "The voices man". Uma laba bantu becula, lalelani izinhlamvu nezingoma zabo. Ucabanga ukuthi babhemile.
“Basuke bengabhemanga. Mina nganqaba. Ngakhala futhi ngabamba ibhande. Ngathi kuNkukunkulu 'sekumele kucace manje ukuthi phakathi kwakho nalabantu, ngubani omkhulu," kulanda lo mculi
Uthe kwakungathi uyahlanya, waqala ukuhlukumezeka nemicimbi seyigqoza futhi esezacile.
Njengamanje uthe usebuye ngezinkani ngoba usesebenza ehhovisi kwiLesedi FM ngenxa yokuthi wathatha isinqumo sokubuyela esikoleni ayofunda kabanzi nge-computer.
Uthe usaqhubeka nokuba wuDJ futhi unebhizinisi le-car wash ezihlale ziphenduka kuyo ngamasonto.
"Uma ungumuntu kufanele ukhule. Awusoze waba yi-Tea Girl ingunaphakade. Nasemshadweni wakhe noBilal Petersen kusahamba kahle,“ kuphetha uNestum.
.