UPHUMELE obala uDJ wakuleki wesifazane mayelana nomshophi omvelele wokuchithekelwa isisu. ULerato Kganyago onguDJ wesifazane ongaconsi phansi uveze ukuthi usephinde waphuphunyelwa isisu. Yize abalandeli bebengenalwazi ngokukhulelwa kwakhe futhi naye engakaze ayithi vu kodwa iningi lizwakalise okukhulu ukukhathazeka ngokumehlele.
Ngo-mhla ka 12 Febhuwari udokotela wamtshela izindaba ezibuhlungu uLerato ngokuchithekelwa yisisu kodwa uthi manje usengcono kakhulu kunendlela ebezizwa ngayo. "Abazali bami balokhu beseduze bekhala kanye nami, ngingcono kakhulu manje. Ngiyabonga kubona bonke abalokhu bengibheka. Benginethemba kodwa ngizobuya, wena uFebhuwari ungizwise ubuhlungu," kusho uLerato.
ULerato ukubeke kwacaca ukuthi ubegugusheka nazo lezi zindaba zokukhulelwa ngenxa yenjabulo, nokwenza azehlise axolise nakubantu esebekhombisa ukumeseka.
"Ningithethelele ngokuthula kwami. Bengineme kakhulu kodwa sekuphenduke ubuhlungu ngenyanga yothando. Ngiyabonga kakhulu bozakwethu ngokungeseka, abaphathi bami, umndeni wami nabangani. Ngizoqina ngeke ngiliphonse ithawula," kubhala uLerato kwi-Instagram.
ULerato uphuphunyelwa yilesi sisu nje eminyakeni eyedlule wakuveza ukuthi uphuphunyelwa isisu, ekubeni kunezinye futhi ezintathu ezakhe zaphuphuma. Lokhu kwashaya kwazelwa nakubantu bakuleli kodwa bamduduza ngezindlela ezehlukene.