ICACISE ngokubaluleka kokuhlangana komphakathi ekuvuseleleni ukuzigqaja ngamasiko nokwakhiwa kwesizwe iMeya yaseKing Cetshwayo, uMnuz Thami Ntuli, ngesikhathi ikhuluma emcimbini wokugujwa kwamagugu ezinkundleni zaseBizimali High, KwaNgono, eNkandla. Ithe intuthuko akusikhona ukulethwa kwezindlu nokunye kodwa nokuhlangana komphakathi kuvuselelwe ukuzigqaja ngobuzwe bawo, kubalulekile.
"Ukweseka kwethu umbono walo mcimbi, yingoba siyafisa kuvuselele isintu lesi sakudala endaweni yakithi. Akufanele sifike emphakathini ngoba nakhu kuyiwa okhethweni, kodwa noma ngabe kuyizinsuku ezifana nalezi, kufanele sikweseke okwenziwayo emphakathini. Siyaziqhenya kakhulu ngesikubona kwenzeka KwaNgono, sengathi kungaba wumcimbi wophawu oluhle eNkandla, " kusho uNtuli.
Induna yendawo, uMnuz Chithokwakhe Myaka, ithe lesi sizwe besingaboni ngaso linye ngokwezigodi ngaphambilini, wathi kuhlanganiswa izigodi ngomcimbi. Uthe izigodi okuyiNhloshana noDina bezingaboni ngaso linye.
"Izimpi bezikhona, manje sigqugquzela uzwano nokubuyisana," kusho uMyaka.
Ngakolunye uhlangothi uthishanhloko wendawo, uMnuz Ntandoyenkosi Ntuli, uthe umcimbi wesekwe kakhulu wumphakathi ongabheke nzuzo ngalokho. Uthe ngesikhathi uqalwa bekungathembisi ukuthi uzoba yimpumelelo.
" Sivuselela ubunye nozwano, abantu kufanele bafundise izingane ngamasiko, ukugqoka kwesintu kubuye emphakathini," kusho uNtuli.
Bekunandisa omama besigekle bezigodi ezehlukene, izinsizwa ezisencane zasezikoleni zendawo nabaculi bakamaskandi okungoFalabo, Imithente, UGatsheni, Stabhilithi, Mabhilidi, Amageza Amahle namaciko endawo.