ESIKHATHINI lapho izakhamuzi zakuleli nabathandi bomculo besazikhotha amanxeba ngokudlula emhlabeni kwesilomo somrepha u-AKA, ngenyanga edlule, sekuphinde kwagadla ukufa komunye umrepha obeza kahle kule ndima, uCosta Titch.
Izakhamuzi namaciko banikele ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ukukhathazeka kwabo ngokushona kwamaciko anekhono, osekuphenduke insakavukela umchilo wesidwaba ezweni.
U@HermaineM uthe: “Siyaqhubeka nokulahlekelwa ngamaciko anekhono elimangalisayo. Kuqale kwawu-AKA, manje sekuwuCosta Titch.”
Umrepha uDa Les ubhale wathi: “Iciko ebelinekhono elimangalisayo alisekho ngokushesha okungaka.”
UJuicyJay wakwiBig Brother ufake isithombe sengoma kaRiky Rick, Costa Titch no-AKA eyi-remix yeNkalakatha kaMandoza, wabhala wathi: “Ngicela nenze le nto yenze umqondo kimi. Esikhathini esingangonyaka nenyanga eyodwa, bobathathu abasekho emhlabeni. Ibuhlungu le nto.”
@_melaninfit_ uthe: “Ngimbonile enandisa okokugcina e-Ultra, ngiphatheke kabi. Kanti konakele kuphi ngempela?”
UThembisile Q yena uthe: “Njalo ngenyanga silahlekelwa wumuntu omusha. Uyazi namhlanje bengicabanga nje ukuthi njalo ngesonto kuba nomngcwabo womuntu omusha. Intsha yakithi iyaphela. #RIPCostaTitch.”
UMissPru ubhale wathi: “Zaze zabuhlungu izindaba esivuka ngazo namuhla. Ngidlulisa amazwi enduduzo kothandiweyo kaCosta Titch, wumndeni nabalandeli bakhe. #RIPCostaTitch.”
Ngokwesitatimende esikhishwe wumndeni wakhe izolo, uCosta Titch (28), ogama lakhe lokuzalwa wuConstantimos Tsobanoglou, bathe baphatheke kabi kakhulu ngokulahlekelwa yindodana, ubhuti, nomzukulu kubona - okuvele ukuthi uwile waquleka enandisa emcimbini obuseGoli, ngoMgqibelo ebusuku.
“Kubuhlungu kakhulu kithi siwumndeni wakhe ukuthi sizithole sibhekene nobuhlungu bokulahlekelwa nguyena ngalesi sikhathi.
“Sibonga kakhulu kwabezimo eziphuthumayo nabo bonke abebekhona ngomzuzu wakhe wokugcina emhlabeni.
“Siwumndeni sibhekene nesikhathi esinzima lapho sizama ukumelana nobunjalo besimo esenzekile ngakho sicela ithuba lokubhekana nakho konke ngokuthula.
“Sikubonga kakhulu ukwesekwa enisikhombisa khona ngalesi sikhathi futhi sicela ukuthi niqhubeke nokusibeka emkhulekweni,” kuchaza isitatimende somndeni kaCosta Titch wodumo lwamanoni athi Ma Gang nethi Big Flexa abesanda kushaya i-remix yayo no-Akon.