OMUNYE wabalingisi abaqavile bomdlalo ophelayo iDiep City, uNozuko Ntshangase, uthe ukulingisa kulo mdlalo - obekungokokuqala elingisa indawo ephambili, kushintshe impilo yakhe, kwamfundisa lukhulu ngalo mkhakha.
UNozuko (30) wasePort Shepstone, oGwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal, obedlala indawo kaNokuthula kulo mdlalo okhiqizwe yiBlack Brain kaMandla N, uthe akufunde emdlalweni oqale ngo-2021 nozophela ngoLwesihlanu, kuzomsiza ngokuvula eminye iminyango emkhakheni wokulingisa.
“Nakuba indawo kaNokuthula ebengiyilingisa beyenza ngisebenze cishe zonke izinsuku ngenxa yobuningi bomsebenzi, kodwa ngijabule ngokuningi engikufundile, nangenselelo engiyiphoselwe wukulingisa kuwona.
“Okunye okungijabulisile, wukusebenza ngaphansi kwesandla sabantu abamnyama, abebeyiqonda ngokuphelele indikimba yomdlalo, nokuthi basivumele ukubeka imibono yokwenza izindawo esizilingisayo zithokozise ababukeli,” kuchaza uNozuko.
Lo mlingisi, oqale ukulingisa kwiSkeem Saam ngo-2015, ngaphambi kokuya kwiScandal! agqame kuso, useke walingisa nasemdlalweni AboMama.
Uthe akakhathazekile nhlobo ngokuphela komsebenzi.
“Singabalingisi kumele kungasiphathi kabi ukuqedwa kwemidlalo, kodwa asikubuke ngokuthi kuyindlela yokuvuleka kweminye iminyango - nokuthi ngeke kuhlale kunomdlalo owodwa kuze kube phakade, luhle ushintsho.
“Kubalulekile ukuhlonipha ithalente lakho ngokuthi ungahlale ulobizela ukuba semdlalweni owodwa noma eminingi, kuyafuneka ukuzinika ithuba lokuphumula - ukhokhe umoya kancane ukuze ubuye namandla aphindiwe,” kusho uNozuko ophinde akhuthaze abantu ngezinselelo zempilo enkampanini yakhe Uzuko Lwami.
Ephetha, uthe yize engakujahile kodwa uzoyamukela uma kwenzeka kuba khona abamthintela ukulingisa emdlalweni othile, waveza nokuthi ukhona umdlalo wethelevishini azobonakala kuwo kancane ungakapheli lo nyaka.