SISHAYELWE ihlombe isinqumo sabamaSouth African Music Awards (Sama) sokuqhubeka nomcimbi phezu kwezingqimba njengoba izolo bememezele ukuthi imiklomelo izoba sePitoli ngoNovemba 18.
Bekungacaci ukuthi le mimklomelo izoba kuphi ngemuva kokuthi uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi, ukuVakasha noKongiwa kweMvelo KwaZulu-Natal, wahoxisa uxhaso lwezigidi obeluzokweseka ngalo umcimbi.
Phambilini, kwakuhlelelwe ukuthi ibe seThekwini.
Amaqembu ezepolitiki aphikisayo, ikakhulukazi i-ActionSA, akhala ngokuthi mkhulu uR28 million okwakuthiwa uzoxhasa yize umnyango wathi imali ozoyikhipha ilinganiselwa kuR20 million.
AmaSama azoba seSunBet Arena ePitoli, lapho kuzoba nomcimbi i-Africa Fest. Isikhulu seRecording Industry of South Africa (RiSA) eyengamele amaSama, uNhlanhla Sibisi, sithe kusebenze ukushesha ukwenza isiqiniseko sokuthi umcimbi uyaqhubeka.
“Lokhu kukhombisa isisho sesiSuthu esithi kopano ke matla (ukubambisana kunamandla).”
I-Africa Fest, okuwumcimbi wamapiano nobuvele uzoba khona, usuzophenduka i-after party yamaSama. Kuzobe kunandisa uKabza de Small, Uncle Waffles, DBN Gogo, Kamo Mphela, Samthing Soweto, Pabi Cooper nabanye.
Umhleli wawo, u-Arnold Coleske, uthe bayajabula ngokusebenzisana nabamaSama.
“Ngesikhathi iRiSA iza kithi ifuna sisebenzisane, sibone ithuba lokuthi imboni ibambisane. Izingxoxo zethu zihambe kahle futhi sizwene kahle. Yinto enkulu lena emculweni waseNingizimu Afrika,” kusho uColeske.
AmaSama azosakazwa bukhoma kwiSABC 1 kusuka ngo-8 ebusuku.
Umengameli womfelandawonye wezinyunyana zamaciko, iCultural and Creative Industries Federation of South Africa (Ccifsa) kuzwelonke, uJoy Mbewana, uthe bayincoma kakhulu iRiSA ngokungawuhoxisi umcimbi.
“Amaciko bekuzowalimaza kakhulu ukuhoxiswa kwawo. Sibafisela inhlanhla abaqokiwe futhi siyathemba ukuthi uhulumeni uzoqhubeka nokweseka imboni ngemali kanjalo nezikhungo zobuciko. Inkinga bekungekhona ukuthi uR28 million mkhulu kodwa uma uhlelo luya esifundazweni, thina njengeCcifsa, sithi amaciko akuleso sifundazwe akube yiwo aphambili.”