WONKE amabombo ngempelasonto abheke esifundazweni, iMpumalanga, lapho kuhlelwe indumezulu yomcimbi wezindondo, iSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards yesi-17, eMbombela Stadium.
Kulindeleke ukuba izithameli zizitike ngezingoma zezilimi ezihlukene, okubalwa ezabaTswana; Siswati, Xitsonga; Ndebele; Sipedi; ezesibhunu, ezamaNdiya nezabeSuthu.
Uhlelo lomcimbi luzophathwa ngumlingisi uLesley Musina noKajal. Oyisikhulu seSatma uNkk Zandile Nzimande, uthe izimenywa zizoqala ukucothoza kukhaphethi obomvu kusukela ngo-5.30 ntambama.
"Umcimbi uzoqala ngo-7 ebusuku. Kuzobe kumnandi kakhulu ngoba kuzobe kunandisa amaciko ahlukene esteji, okungoNathi Mankayi, Intaba YaseDubai, Nomcebo Zikode, Zama Khumalo, Cevuzile noLebo Sekgobela."
Usomahlaya uMdu Ntuli uzoqinisekisa ukuthi wonke umuntu ubuyela ekhaya kubuhlungu isisu ngamahlaya akhe.
Kulindeleke ukuba umcimbi uhanjelwe yibo bonke abaqokiwe okubalwa uSolwazi PLO Lumumba, nowayenguMiss Universe uZozibini Tunzi.
Uhlu lwamaciko adlana imilala kulo nyaka lumi kanje:
*Best Afro Soul Song: Royalson, Daniel Brothers no-Amanda Mankayi.
*Best Reggae Artist and Group: Burning Fire, Lutendo CJ Munyai noJeremiah Fyah Ises.
*Best Praise Singer Artist and Group: Venda Boy, Malume Tau, noMabuy'Afrika.
*Best Indigenous Poet Artist and Group: Lucy Impondokazi, Mudongwa, Nqobile Msawenkosi Duma, neNtombi Ya Mutsonga.
*Best Mbhaqanga Artist/Group: Ababekezeli noTrevor TMV.
*Best Traditional Acapella Artist/Group: Inkululeko; Nombika Black Boys ne-Afrika Mamas.
*Best Traditional Music Community Radio Presenter:
Majozi and Vezy, Lunga Ngamle, DJ Ma-Osh, Leswikwa La Radio, Skhumb'esimnyama, Daniel Nkosi, Mr Shosho, Ngelosi Myeni, Phumzile Mlangeni, Xolani Magaqa, Jikijwa, Yandisa Zizele, Sutata, Ishmael Morata, Sakhile Madonsela noThapelino Medupe.
*Best Traditional Outfit: Bornwise Khumalo, Davi Maimela, Frank Ramatsetse, Nomsa Mkhonza noThabang Baakwalanga.
*Best Traditional Social Media Influencer: Brighton Thembalethu, Zamambo Mkhize, Nelisiwe Sibiya, Bafana Mthembu, Audrey Skhosana, Tinyiko Khoza, Faith Mgobhozi, Yenkosinabadala Makhoba, Thato Angel noNomalizwi MC Mhlongo.
*Best Maskandi Artist/Group: Masinga, Udumakahle noGatsheni.
*Most Voted Song of the Year: Tau Sebata-Sabadi, Gatsheni- Inhlupheko, Henny C- Driver, Die Venterjies- Ratkas Vastrap, Venda Boy- Lwendo, Malimo a Tselakhopo- Leska la Thole, Bholoja-Swazi Soul, Sivuyile-Bambo Lwami noTsokotsane Tsa Lihlala-Mohau oa hau.
*Best Traditional Music SABC Radio Presenter: Bheka Mchunu, Willem Viljoen, Zakia Ahmed, Augustine Shotholo, Solly Makamu noMafosi, Humbulani Nengovhela, Riano Nduve, Gudlabatshakazi, Tom Perez, Ntsoaki Motloung noPhakisi Mokoena, Piet Shabangu noSifiso Lubisi.
Ukuvota kuyavalwa ngoSepthemba 30.