KUSHAYISANA imibono ngentandokazi yomculi weGqom’ uBabes Wodumo (28), okuthiwa usothandweni oluvuthayo nomculi wamaPiano, uSabelo Zuma (25), owaziwa ngoZuma emculweni.
Ngemva kokuvela kwezindaba zokuthi abaculi bayathandana, abantu babe nokudideka ngoba kukhona abaveze ukuthi bazi ukuthi bahlobene.
Muva nje kuthiwa uBabes Wodumo, noZuma abasahlukani futhi babonakala kuyona yonke imicimbi behamba ndawonye, nakuleyo abasuke bengaqashiwe ukuzonandisa kuyona.
UBabes Wodumo ozakhele udumo kusuka ngo-2016, wayeshade noMandla Maphumulo, uMampintsha oshone ngo-2022. Bese kunonyaka ezilile njengoba esesolwa ngokuthandana noZuma.
Ngakolunye uhlangothi uZuma musha emculweni kodwa udumo lwakhe luya ngokudlondlobala futhi waziwa ngokusebenzisa ulimi lwesiZulu ezingomeni zakhe. Usanda kukhipha ne-albhamu yakhe iLazaro, apike kuyona abaculi abaningi abanegama emculweni.
Izinsolo zokuthandana kwabo ziqale ukuvela ekupheleni konyaka odlule ngesikhathi bebonakala ndawonye njengoba namanje zisaqhubeka. Kuthiwa uZuma uzama ngakho konke okusemandleni ukuthi eseke uBabes Wodumo, nokumtakula emculweni.
Ezinkundleni zokuxhumana abantu bakhungathekile ukuthi bayathandana. Kukhona abaveza ukuthi uyise kaBabes uzalwa nguMaZuma okwenza ahlobane noZuma. Abanye bathi akayekwe uBabes uma esethole uthando usezile kwanele. Kukhona abathi kuzilwa ngezindlela ezingefani. Kanti abanye bathi usemncane kumele abantu abamyeke aqhubeke nempilo.
Imenenja kaBabes Wodumo, uNondumiso ayizange iphendule ithunyelelwa umyalezo ukuthi iphawule ngalezi zindaba.
UBabes uphendulile wavele wahleka, wathi: “Angisazi-ke. Ngeke ngiphawule. Ngisagxile ekubhekeni umndeni wami nokunaka engikuthandayo. Tshela mina weGatsheni, wena ujola nobani?” kubuza uBabes.