INDAWO yaseMandawe, KwaCele, idunyiswe kakhulu yimbongi egcine seyilingisa kwiSibaya, uSbonelo "Sbo DA Poet" Mbutho obenguZebediya. Njengamanje sekunezimbongi ezisafufusa ezifuna ukuhamba ezinyathelweni zakhe. Labo sonkondlo sebeqale umkhankaso wokuvukuza ikhono emacikweni asafufusa kule ndawo. NgoMgqibelo azobe ethula ngokusemthethweni iKusengenzeka Art Session e-Amandawe Community Hall kusukela ngo-12 emini. Umgqugquzeli walolu chungechunge, uNokwazi "Inzwakazi Yosiba" Dlamini (21), uthe izimbongi zizohaya zidedelane kuze kushaye u-4 ntambama.
UNokwazi uzobe eshiyelana inkundla noMkhonto KaShaka, Luyanda EM, Umzinto Art, Ongethiwanga, Masayidi noMC Sphamandla Mkhulisi.
"Kuzobe kungenwa mahhala. Sizobe sivakashelwe nangabanye osaziwayo abanjengomculi kamaskandi, uMapensela."
Uthe okubenze baqhamuka nalo mkhankaso ukubona intsha ithutheleka emadolobheni ngenxa yokuswela amathuba ezindaweni zasemakhaya.
"Ngapha ngakithi ayikho into esimatasa ngayo. Uma udinga ukuhlangana namanye amaciko, kumele uze uye eThekwini. Ngakho lombuthano uzosisiza kakhulu ekuthenini nathi kube khona esikwenzayo ngapha eMandawe." Uthe ngemibuthano abazolokhu beyenza bafuna ukuvumbulula ikhono, ukufundiswa nokukhulisana.
"Indlela esizocathulisana ngayo futhi sifundisana nangokuthi iciko liziphatha kanjani emphakathini . Inhloso enkulu ukukhulisana kulo mkhakha."
UNokwazi ubonge kakhulu ikhansela langakubo ku-ward 17 kuMasipala waseMdoni, uNksz Nonhlanhla Ladyfair Nkomo, ngeqhaza elilibambile ukuze lomcimbi ugcine wenzekile. UNokwazi uthe uCllr Nkomo ubatholele ihholo abazobambela kulo lomcimbi.
Leli ciko liyinkosazane elanywa ngabafana ababili futhi bayizingane zikaNksz Bongiwe Cynthia Dlamini noMnuz Vumokuhle Mbube
UNokwazi uthe uqale ukuhaya izinkondlo kusukela ngo-2017, ebukela ezimbongini zangakubo, uLuyanda EM noSiyabonga Nxumalo.
UNokwazi unxuse izimbongi ezifuna ukubamba iqhaza ukuba zimthinte ku-083 591 9141.