KULINDELEKE izinguquko ezihlukene ezizobonakala uma sekuqala isizini yesihlanu yomdlalo Imbewu.
KULINDELEKE izinguquko ezihlukene ezizobonakala uma sekuqala isizini yesihlanu yomdlalo Imbewu.
Isiteshi i-e.tv simemezele ukuthi sikhethe ukuvuselela inkontileka yomdlalo Imbewu njengoba kuzoqala isizini yesihlanu kusuka ngo-Ephreli 11.
Ukuqala kwale sizini kuza nokushintsha kwesikhathi ozongena ngaso lo mdlalo njengoba ungeke usadlala ngo-9.30 kodwa usuzoqala ngo-9 ebusuku.
UKhanyi Nxumalo, onguphrojusa walo mdlalo, uveze ukuthi isizini yesihlanu izohambisana nesiqubulo esithi The gift & the curse, okungahunyushwa ngokuthi isiphiwo nesiqalekiso. Indikimba yalesi siqubulo ingezinkinga ezikhona nezisazoba khona kwaBhengu ngemuva kokushona kukaZimele.
“Ababukeli balo mdlalo bangalindela ukubona izinguquko esithombeni somdlalo uwonke nangendlela amakhamera akade ema ngayo. Kuzoba nezinguquko nangendlela abalingisi abagqoka ngayo njengoba bonke beshintshiwe indlela akade beyiyona, bezobukeka bebasha. Okunye ngalo mdlalo wukuthi sikhethe ukuwuqophela endaweni enganakekile, nekhombisa ubuhle besifundazwe iKwaZulu-Natal,” kusho uKhanyi.