IQEMBU i-Ladysmith Black Mambazo lithi ikhonsathi yalo i-Christmas With Ladysmith Black Mambazo ezoba se-CFCI Theatre, eThekwini, ngoDisemba 23, ingaphezu kokuba ngeyomculo kodwa ingeyokugqugquzela ukubumbana kwemindeni.
Kuzoba okwesibili kuba nale khonsathi. IMambazo izoshiyelana inkundla neSoweto Central Chorus eyenze nayo ingoma ethi Usuku Oluzayo, Ayanda Ntanzi noMphrofethikazi uNomusa Dhlomo.
Okhulumela iMambazo uXolani Majozi uthe bayajabula ngokuphinde babe nalo mcimbi owesekwa yi-Durban Tourism.
“Ikhonsathi yethu kaKhisimusi ingaphezu kombukiso womculo kodwa iyisimemo sokuvuselela umoya wozwano, imfudumalo nomuzwa wenjabulo ohambisana noKhisimusi. Sihlose ukwenza inkundla egqugquzela ubunye neqinisa ubumbano emindenini, kubangani nasemphakathini. Umcimbi wethu unikeza ithuba abavakashele eThekwini ngalesi sikhathi samaholidi ukuthi babe noKhisimusi oshetshwe nomculo wokholo,” kusho uXolani.
Uthe amathikithi aseqalile ukudayisa e-Webtickets ngo-R250 kanti umcimbi uzoqala ngo-7 ebusuku.
“Ngalezi zikhathi ezinzima kubaluleke kakhulu kunakuqala ukuthi sihlanganyele ndawonye sijabule senze esikuthandayo. Sikholwa wukuthi ikhonsathi yethu kaKhisimusi ingaba yithemba futhi igqugquzele izinto ezinhle ngalesi sikhathi samaholidi,” kuqhuba yena.